INGOMA kaDJ Sumbody ethi Iyamemeza ayisali ngaphandle uma kubalwa izintandokazi zezingoma zama-piano.
UNhlanhla Moqhayi odume ngelikaDrip GOGO emculweni uyena ocula phambili kule ngoma eyenza kahle emakethe njengoba besanda kuthola iPlatinum ngayo.
Exoxa naleli phephandaba uDrip GOGO oneziqu zokupheka nodabuka eMalahleni eMpumalanga kodwa osezinze eGatueng, uveze ukuthi igama lakhe lisukela esiphiweni sakhe sobungoma.
“Igama elithi GOGO lisuselwa ekutheni ngingumelaphi wendabuko vele kanti uDrip umele isitayela sami sokugqoka nokungazenyezi kwami ngalesi siphiwo. Kudala bekwaziwa ukuthi uma ungumelaphi wendabuko ungcolile kodwa akusenjalo manje. Sekukhona abelaphi abasebasha futhi abaziqhenyayo ngalokho,” usho kanje.
Yize ingoma azwakale kuyona isadlalwa ubuthaphuthaphu kodwa akabanikanga thuba abalandeli bakhe njengoba ngoLwesihlanu ekhiphe ingoma yakhe yokuqala eyedwa futhi esesayine esitebeleni sikaDJ Sumbody.
Uthe le ngoma ethi “Ayavuma“ ikhuluma nesimo esibhekene naye sokuthi ayamvumela amadlozi akubo njengoba izinto zimkhanyela emculweni.
Echaza ngokungena kwakhe emculweni uthe wayevele azi ukuthi uyakwazi ukucula kodwa kungayona into eyaziwa yiwo wonke umuntu ngaye.
“Ekufikeni kwami ePitoli eminyakeni emine eyedlule bengisebenza endaweni yokudla nobekuthi uma ngipheka ngiziculele, esisebenza nabo balibona lapho ithalente lami,” kuchaza lo mculi.
Uqhube wathi kusukela lapho azange esabheka emuva nokwagcina ngokuthi ahlangane nenqwaba yabaculi bakuleli.
Ephetha uthe abantu baseMzansi abalindele ukumazi kangcono ngoba uzimisele ngokuhlala kule ndima.