UMCULI wodumo engomeni kaMthandeni SK ethi Paris, uLwandile “Lwah Ndlunkulu” Mtshali, ukhwele wadilika kubaculi bakamaskandi abashisa izikhotha kulezi zinsuku. ULwah (23) waseHluhluwe ubasole ngokubulala umaskandi futhi wathi ngeke aphinde acule ngokuhlanganyela nanoma yimuphi umculi kamaskandi.
Ekhuluma kwi-Orbit Podcast, uLwah uthe yena akakwazanga ukugubha umlando oqoshwe yile ngoma ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yendelelo ayitholile.
"Ukucula ngokuhlanganyela kwiParis kungilethele indelelo eningi, engangijabulisanga neze. Engenze ngangawujabulela nomzuzu omnandi oze neParis."
Uthe uyoze acule namaciko kamaskandi uma eseshintshe indlela enza ngayo.
"Ngeke ngisenza ingoma kamaskandi. Ngiyabona ukuthi kubuye kufake nomsebenzi wami engcupheni ngoba abananhlonipho. Abalandeli bami akubona abantu abagxile kumaskandi."
Uthe uma abalandeli bakamaskandi bengawuhloniphi umsebenzi womculo kugcina sekulimaza nabanye abalandeli bakhe bezinye izinhlobo zomculo abangalazi leli siko likamaskandi.
"Uma wenza ingoma nomunye (umaskanda), abalandeli bomunye abakuthandi lokho. Lokho kugcina sekudala inxushunxushu engenasidingo. Ngenxa yalokho ngeke ngithande ukuzibandakanya ngokwenza ingoma kamaskandi, ngaphandle uma ngizokwenza ingoma ngedwa."
ULwah ukhombe ngenjumbane abaculi abashisa izikhotha kulezi zinsuku ngokubulala umculo.
"Bafuna ukuba ngamakhosi omculo kamaskandi, esikhundleni sokwenza lo mculo kube yiwona oyinkosi."
Uthe lokhu kwenza nabalandeli bangabe besalandela umculo kamaskandi kodwa balandele abaculi siqu.
"Leyo nto iyawubulala umaskandi ngoba abalandeli ababahloniphi abaculi bakamaskandi nalabo abasuke bebapikile." Uthe bona njengabaculi bayaxabana babuye bakhumelane umlotha kodwa abalandeli bayaqhubeka nendelelo. Uthe oMgqumeni noMtshengiseni babengcofana kodwa babengahlambalazani njengabamanje.
Uthe bona abacula ezinye izinhlobo zomculo bayawuhlonipha kakhulu umculo kamaskandi ngoba uyisisekelo somculo abawenzayo kodwa baphatheka kabi uma abaculi abagxile kumaskandi bewubulala.
Uthe uyafisa ukuba lo mculo ugcine sewuhlonishwa nasemazweni angaphandle.
ULwah ungomunye wamaciko azobe enandisa kwiS'thebe Fridays Launch esizokuba seMushroom Lounge (16 Chartwell Drive), eMhlanga, eThekwini ngoLwesihlanu kusukela ngo-6 ntambama.
Kulo mcimbi uzobe eshiyelana inkundla noSjava, Gatsheni, Ntencane, Khuzani, iNkosi Yamagcokama, Kelvin Momo, Stanky, Happy Gal, DJ Ngane, Tshatha noNelisiwe Sibiya. Emnyango kungenwa ngoR300.