IQEMBU likaMaskandi oxutshwe nesiCathamiya, oGagamela, eliyinkonyane leShabalala Rhythm lithi, lizohamba ezinyathelweni zeMambazo ngokuqopha umlando.
Umsunguli weqembu, oGagamela nongumzukulu kaJoseph Shabalala, uGagamela Shabalala uthe, isizathu esenza babumbe leli qembu ukuthi bafuna ukuhamba ezinyathelweni zeMambazo nokuqhuba umlando owaqoshwa ubabamkhulu wabo.
“Kunento eyafika kimi ukuthi kunganjani uma ngingaqhamuka neqembu elizohamba ezinyathelweni zeMambazo neShabalala Rhythm, ngase ngiqhanyukelwa umbono wokuthi uma ngingabumba iqembu elizoba yinkonyane yeShabalala Rythm, lokho kungenza umlando wakithi wezomculo ukhule kakhulu.
Sibambisene kahle kakhulu nozakwethu, njengoba sibathathu nje kuleli qembu umuntu nomuntu uyayazi indima yakhe okumele ayidlale, uSkahle Radebe oyindodana kaMaqhinga Radebe uyena osidlalela isiginci kube sekuthi uSharon Mthembu asize ngokudansa uma sinandisa,” kuchaza uGagamela.
Eqhuba uthe leli qembu selike lahambela amazwe angaphandle okubalwa kuwona Eswatini naseBotswana.
“Okwamanje sisafuna ukuzifaka kubantu ukuze basazi. NgoJanuwari wangonyaka ozayo abalandela umculo wethu bangalindela i-albhamu entsha nokuyobe kungeyokuqala, le-albhamu siyindlalele ngengoma ethi uMzabalazo,” kusho yena.