ABATHANDI bomculo wamakhwaya bazozitika ngamanoni azoqhululwa amakhwaya nabaculi abahlukene emcimbini walo nyaka ozobe uholwa yikhwaya iThe Zulu Kingdom Choir, iUnity & Social Cohesion Concer, eThe Station, eThekwini.
Lo mcimbi ozoba ngomhla ka 17 Septhemba kuzobe kunandisa kuwona abaculi abafana nesihlabani esicula iSoprano uNombulelo Yende, Nonhlanhla Yende naye ongumzwilili oshaya iSoprano, uJuan Burges kanye nomdlali we Ochestra uMsizi Mnyandu.
Unobhala weThe Zulu Kingdom Choir ophinde ahlele lo mcimbi, uSphiwo Blose, uthe inhloso yalo mcimbi ukwakha ubumbano nokuzwana kubantu bakuleli uphinde ugqugquzele abantu abasha ukuthi bathole izinto abazozenza ukuze bangazitholi sebengene ezilingweni ezifana nokusebenzisa izidakamizwa ukuze bakhohlwe ngezinkinga ababhekene nazo. Uthe bakholelwa ngukuthi umculo wamakhwaya ungadlala indima enkulu ekushintsheni impilo yabantu, ikakhulukazi abantu abasha.
“Ngalo mcimbi sithi sifuna abantu bazitike ngomculo omnandi njengoba kukhona nomculi we-Opra Classic uNombulelo Yende, kukhona nomdidiyeli we-Ochestra uMsizi Yende. Ngalo mcimbi sithi intsha ayidlalele kude nezidakamizwa kanye notshwala ize izobungaza nathi. Kulo mcimbi zikhona nezingoma ezididiyelwe nguMduduzi Shezi. Umculo wamakhwaya ungeminye yemicimbi ebalulekile yingakho sithi abantu abaphume ngobuningi babo,” kusho uSphiwo.
Amathikithi aseyatholakala eWeb tickets nase Pick N Pay, libiza uR300.
Uthe bazophinde babophele amakhwaya aqhamuka ezikhungweni zemfundo ephakeme, iSayidi Tvet College, iMUT, iUnizulu, UWSU kanye nekhwaya ezinze eGoli iBokamoso Choir. Abantu abaphume ngobuningi bezozelapha ngomcimbi omnandi. Amasango azovulwa ngo3 avalwe ngo7 ebusuku.