KUHLONISHWE izingwazi zomculo zakuleli kuma-2nd Annual Mzansi Traditional and Cultural Music Awards (MTCMA) eVictory Theatre, eHoughton Estate, eGoli muva nje.
Kubaculi abahlabane ngeniklomelo kubalwa uPhuzekhemisi, Ihhashi Elimhlophe, Khanyo Maphumulo, Ithwasa Lekhansela, Shushu Baby, Mara Louw, Yvonne Chaka Chaka, Zola 7 Dlamini, Bazooka Gxowa, umlingisi uThuli Zulu nabanye.
Abanye abaculi abadle imihlanganiso eminxeni ehlukahlukene kubalwa uMafakhiza kwiBest Newcomer, Amazim' Amahle kwiBest Maskandi Artist/Group, Intombi Yexesibe kwiBest Isimlondo Artist noKPLSD kwiBest SeTswana Artist/Group.
Ngokusho komsungunguli nomgqugquzeli walo mqhudelwano wezindondo, uDkt Nomdakazana Dlamini, ibingu-36 iminxa obekuncintiswana ngaphansi kwayo, okubalwa oweBest Newcomer, Best Vernacular Hip Hop Artist, Best Imbongi/Poet. Uthe bekunemikhakha yabaculi bezilimi ezihlukahlukene njemgeSesotho, isiNdebele, isiShona, SeTswana, Xitsonga nesiZulu. Umculi kamaskandi uDr Buselaphi ushiye izihlwele zisahalela impinda ngezimanga abezigila esteji. Kuvuke umunyu ngesikhathi uNtombi Mzolo nomfowabo, uNathi Ngcobo baMaponi bemukelisa abazali babo, Ihhashi Elimhlophe no-Ebony, izindondo. Izithameli zichazwe yindlela lomndeni onandise ngayo kulo mcimbi. UDkt Dlamini uthe abaklonyelisiwe babuye bazihlabanela ngomasingcwabisane wakwaMiwaylife Insurance.
"Siyathemba ukuthi lo mqhudelwano uzokhula ngamandla futhi nangonyaka ozayo sinethemba lokuthi sizoqhubeka nlkubungaza ikhono elisavelela nabo abayibambe insimbi ishisa kule mdima eminyakeni eyedlule," kuphetha uDkt Dlamini.