KUBANJWE umoya ngomculi wokholo, uFikile Mlomo, okuyophela inyanga exinwe wukugula okungachaziwe kwesinye sezibhedlela zaseThekwini.
Ngokusho kwabebeyombona esibhedlela, uFikile udinga imikhuleko njengoba engasakwazi nokuzihambela.
Izindaba zokugula kukaFikile ziqale ukuvela ngosuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesithathu.
Omunye wabantu akade beyobona uFikile esibhedlela, ngumculi wokholo uThobekile, obhale kwiFacebook kanje: "Namhlanje bengiyobona omunye wamasosha ethu, uFikile Mlomo osesibhedlela.
Emithandazweni yenu bahlobo bami, siyacela ningakhohlwa igama elithi Fikile Mlomo. Lulama ngokushesha mntakama, uphume lapho, uzodumisa iNkosi ngephimbo."
Nomfundisi wezinkonzo zamatende eLindelani, uPastor Striker Shange, uthe ubeyombheka uFikile futhi wafike wamthandazela njengentokazi ayefunda nayo kwezinye zezikole zaseLindelani.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uFikile wavele wazizwa egwazwa yinto kwesingenhla maqade waphelelwa ngamandla kwesingezansi, nokwenza ahluleke ukuhamba. Njengoba esesibhedlela nje, umndeni wakhe awazi ukuthi uthatheni futhi uhlanganise nani ukuxosha ikati eziko.
Ekhuluma kwi-video echiphiza izinyembezi futhi esesibhedlela esingadalulwanga, uFikile uthe uhlale ecula izingoma ezikhuthazayo kodwa kulokhu uyehluleka ukuziqinisa.
"Ngihlale ngi-strong zinsuku zonke, ngizama ukulwa nesimo engibhekene naso. Kodwa namhlanje ngizizwa ngiphelelwa ngamandla. Kungokokuqala ngigubha usuku lwami lokuzalwa ngikule ndawo.
Kungokuqala ngigubha usuku lwami lokuzalwa ngaphandle komndeni wami nendodana. Yimi oliculayo leli culo elithi Mayenzeke Intando Yakho. Yimi futhi oliculayo leli culo elithi Nomakunje, ngiyohlale ngikudumisa.
Kodwa kwesinye izikhathi ziyafika izikhathi, iyafika imicabango. Ibuhlungu intando kaNkulunkulu. Kwesinye isikhathi uke ufise ukuthi kungani angathathi isinqumo, enze afuna ukukwenza." Uthe uma ebheka impilo yakhe nemuva lakhe, sincane esakhe isikhathi sokujabula.
"Ngidalwe ngenye indlela sengathi angifani nabanye abantu. Kwesinye isikhathi ngize ngizibuze ukuthi wayengilethelani lobaba emhlabeni ngoba kuningi. Mina unyaka uba mkhulu ngijabulile. Ngize ngizibuze ukuthi wayengilethelani, mhlawumbe wangiletha ngephutha kodwa angimcelanga. Ubunzima angithwalisa bona kweyami impilo."
Uthe uke afise sengathi angaba yedwa, angabonani namuntu futhi asuswe nje emhlabeni. Yena futhi lo mculi ubuye wabhala lamazwi kwiFacebook,
“Ngimsebenzele uNkulunkulu impilo yami yonke kodwa intando yakhe ibuhlungu, it is so painful to celebrate usuku lwami lokufika emhlabeni ngikule ndawo, kazi ngamenzani mina?”