IZIHLOBO nabangani bashiyelana inkundla bevalelisa ingwazi yomculo weKwaito uTokollo ‘Magesh’ Tshabalala.
Uhlu lwezikhulumi luvulwe umngani wakhe uKabelo Mabalane owayeyingxenye yeTKZee nosengumfundisi esontweni iRema lapho okubanjelwe khona inkonzo yomngcwabo.
[WATCH] Kabelo Mabalane who was also a member of Kwaito group Tkzee & a close friend to Magesh shares an emotional tribute to the late star. #RIPMagesh #MageshFuneral @ewnreporter pic.twitter.com/bVk4fmyEEm
— Buhle Mbhele 🤍 (@buhlembhele_) August 19, 2022
UMabalane uchaze umngani wakhe, njengomuntu owayenesibindi nogqozi lokwenza izinto ezahlukene. UZwai Bai yena umvalelise ngomucu opholile wengoma yokududuza umndeni nozakwabo.
[WATCH] Another member of TKZee, Zwai Bala gives a short moving tribute performance to his childhood friend and colleague. #RIPMagesh #MageshFuneral pic.twitter.com/05erD1kcov
— Buhle Mbhele 🤍 (@buhlembhele_) August 19, 2022
Umlayezo obhalwe abazali bakhe, uveze ngokusobala ukuthi umndeni wakwaTshabalala wakhiwe phezu kwesisekelo sothando, ukubambisana nokufiselana okuhle kodwa.
Udadewabo uKutloano uchaze ubhuti wakhe omdala njengomnene, onothando nobemvikela ngaso sonke isikhathi.
“Abantu abaningi bayazi ukuthi nginamahloni futhi angifani nabantu abakwazi ukukhuluma bagqame emndenini. Ubhuti wami wayekwazi lokho, wayengigcona ngakho, kodwa esikhathini esiningi wayengivikela, eqinisekisa nokuthi udumo lwakhe njengosaziwayo alubi nawo umthelela kimi,” kusho yena.
[WATCH] The funeral service of the late Kwaito Star Tokollo ‘Magesh’ Tshabalala is currently underway at Rhema Bible Church in Randburg. Family has arrived and enters the auditorium with the coffin carrying the body of the late musician. #RIPMagesh #MageshFuneral @ewnreporter pic.twitter.com/bmN09ekvrX
— Buhle Mbhele 🤍 (@buhlembhele_) August 19, 2022