KUQHUME isimbambamba, kwandiza amabhodlela emoyeni, kwacishe konakala indumezulu yomcimbi kamaskandi, Umbuso Wamaciko Maskandi Festival eCurries Fountain Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
Isigameko sokushayana phakathi konogada nezihlwele siqubuke sekucula uKhuzani Mpungose, obezovala umcimbi. Ukungaboni ngaso linye phakathi konogada nezihlwele kube ukufuna kwezithameli ukusondela esteji sekudlala uKhuzani kodwa onogada bashaya phansi ngonyawo.
Ziqale lapho izidubedube.
UKhuzani kuphoqelekile ukuba ayinqamule phakathi ingoma ebona sekugaklazwana ngamasango abevimbe izihlwele futhi sekundiza nanoma yini elimazayo emoyeni.
UKhuzani uhlabe onogada ngokuvimba abantu abebefuna ukusondela phambi kwesiteji.
Uthe onogada akufanele bavimbe abalandeli uma befuna ukusondela esteji uma sekudlala umculi wokugcina ngoba basuke bengazolimaza lutho. Nomgqugquzeli walo mcimbi, uGeh Ngcobo, uzamile ukuthambisa isimo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Kuze kwangenelela umsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe. Naye ubabaze isibindi sonogada abanamagangangozi ngokufuna ukulwa nabalandeli. Uthe selokhu aqala ukuhambela imicimbi uyaqala ngqa ukubona umuntu oyedwa efuna ukulwa nezihlwele.
Uthe mabadedelwe abantu basondele phambi kwesiteji ngoba kabalona udlame. Onogada bagcine behlele ngezansi njengoba begcine bebavumele abalandeli ukuba basondele phambi kwasesteji.
Bebeyinkinga onogada kulo mcimbi njengoba enye intatheli yeSolezwe igcine ingangenanga yize beyitheleke ngemoto yenkampani. Bebesho ukuyiqeda, bengezwa mshini.
Nakuba kunjalo kodwa uKhuzani uqhubekile nokunandisa. Yilapho edalule khona ukuthi i-albhamu yakhe entsha iyaphuma ngoDisemba 2 kanti iGcwalis'iPinic All White Festival isaqhubeka ePeople's Park, eThekwini, ngoNovemba 5.
Kulo mcimbi uNtencane ukhumbule uMjik'jelwa ongasekho ngezingoma zakhe ezimbili ngenxa yokuthi uMjik'jelwa ubezalwa ngoSepthemba 17, futhi wagcina ukunandisa kule nkundla. UMdumazi umangaze abaningi ecula ingoma ahlonipha ngayo owayeyinkosi ye-reggae e-Afrika jikelele, uLucky Dube. Leli culo likha phezulu amanye amanoni kaLucky, okubalwa kulo elithi Hand That Giveth. Abanye abanandisile ngoJaiva Zimnike, Shwi Mantombazane, Muntuyenziwa, Smirnoff, Njoko, Amavikelambuso, Jumbo, Mzukulu, Sgwebo Sentambo, Bahubhe, Khaza, Mjolisi, Saliwa Ndunakazi, Imfezemnyama nabanye.
Abaphathi bohlelo bekungoKissBefore Biyela, Quality Biyela, Tshatha, Zuluglama Mthalane, Brighton Shandu nabanye.