IZINTANDOKAZI kwezomculo kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele, zishaywe indiva emqhudelwaneni okubangwa kuwo itekisi, iToyota Quantum.
Umgqugquzeli u-Eric Ngobe, uthe umncintiswano uyingxenye yendumezulu yomcimbi obizwa ngeMother of All Maskandi Festival, ozokuba ngo-Ephreli 6, ePeople’s Park (Moses Mabhida Stadium), eThekwini.
Echaza ngomncintiswano weToyota Quantum, uNgobe uthe kuzovotwa futhi uvuleleke kubona bonke abaculi bakamaskandi.
"Nokho ezeBlue Nation (okungabalandeli bakaKhuzani) neRed Nation (okungabalandeli bakaMthandeni), ngeke zikungenele ukuvotelwa ngoba kuningi abaculi bazo asebekuzuzile emculweni. Manje sinombono wokuthi nabanye abaculi babe nawo amathuba, kungalokhu kunqoba noma kuncintisana abantu ababodwa," kuchaza uNgobe.
UNgobe uqhube wachaza ukuthi yize kunjalo kodwa uKhuzani neGcokama Elisha bazoqashwa ukuba bazonandisa kwiMother Of All Maskandi Festival.
Kwenzeka lokhu nje, zombili izinsizwa zisematheni ngoba bezidlana imilala emncintiswaneni wengoma yokuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
Sekuwumlando ukuthi uKhuzani wadla umhlanganiso ngengoma ethi Umjolo Lowo, wehlula eyeGcokama ebiyintandokazi ethi Paris.
Nakuba kunjalo, iningi alikujabulelanga ukunqoba kukaKhuzani ngoba likholelwa wukuthi ingoma yakhe beyingaziwa.
Bekungekhona okokuqala abaculi behlabana amalunda emncintiswaneni. Baqala engomeni yokuhlukanisa unyaka kulo Ukhozi FM ngo-2020, kwaphinde kwanqoba uKhuzani ngeJele, ehlula Amageja.
Babuye badedelwa nakwiKhuphuka Nezakho Maskandi Festival, nakhona kwaphumelela uKhuzani.
Nonyaka uKhuzani ubesememezele ukuthi uyahoxa ekungeneleni imiqhudelwano ngoba usafuna ukunikeza abanye abaculi ithuba.
Lokho ukusho emuva komsindo oqubuke ngokuhlabana kwakhe emncintiswaneni woKhozi FM.