ONGAPHANSI nongaphezulu phakathi kwabaculi be-Afro pop baKwaZulu-Natal, abebe ngamathe nolimu, uNomfundo "Queen Lolly" Shezi noRoberta "ROB" Ngema ngenxa yombango wendoda enguphrojusa, uBongani Dladla.
URob, ongumethuli kwiPodcast ebizwa ngoMakhwapheni: Side Chicks, usola uQueen Lolly ngokumthathela isoka lakhe abese ethembisene umshado nalo.
Uthe bebengave bezwana noQueen Lolly kodwa indaba yonakale ngokuthi amazise esokeni lakhe abese ethandane nalo inyanga eyodwa futhi sebehlela nokuhlala ndawonye.
"Wangicela inamba yalo, ngamnikeza. Ukube ngangazi ukuthi ufuna ukuyenzani, ngangiyonqaba."
Uthe washaqeka ebona ngolunye usuku uQueen Lolly ethumele uBongani izinhliziyo ngoWhatsApp. URob uthe samcika kakhulu isenzo sikaQueen Lolly njengoba aziwa ukuthi akayibheki indoda yomuntu.
UQueen Lolly yilo mculi osanda kuphumela obala ukuthi uselale nenqwaba yosaziwayo okubalwa kubo uTeko Modise, Big Zulu, Master KG, AKA, Mpumelelo Mseleku nabanye abaningi.
URob uthe njengamanje uQueen Lolly usekipite noBongani futhi usemphendule isiyoyoyo sakhe, kangangoba ‘usemwashisa nezimpahla zangaphansi’.
Ubuye wasola uQueen Lolly ngokusebenzisa imithi.
“Usengithelele nangesichitho.” UQueen Lolly wayeveza la mahlazo kwiYouTube Channel kaRob iMakhwapheni ngesikhathi besazwana kakhulu.
Ebuzwa ngalezi zinsolo, uQueen Lolly uthe uRob uwuhlanya eligqwaba udumo ngaye.
“Anginasikhathi sabantu abangosidumangabanye. Iphutha lami kwaba wukuzitshela ukuthi le ntombazane ingumkhaya, idinga izivakashi ohlelweni loMakhwapheni.”
Uthe uRob yintombazane ekade yayizama kungaphumeleleki.
“Le ntombazane iyahlanya ekhanda. Ngeke wahlangana nomuntu isonto elilodwa bese uthi ubesehlele ukukushada. Abathandani kodwa uyamfuna. Lona wubhuti wami futhi ngazi unina wengane yakhe. Lona akahambe eyofuna usizo. Manje usebenzisa igama lakhe ukuze adume.”
Uthe yena akathandani noBongani kodwa bayezwana ngoba ungubhuti wakhe.
"Ngimhlalisile uBongani ngoba singomkhaya, sisuka ngandawonye."
Eziphendulela uBongani uvumile ukuthi uhlala noQueen Lolly ngoba ungudadewabo kodwa waphika walala ngomhlane ukuthi uyajola noRob.
"Asithandani naye," kusho uBongani. Lezi zintokazi zibe sezigxibhana, zasho nezinto okungelula zishicilelwe ngoba kazinabufakazi.