UKUBONA isinqumo sabo sokusebenzisana emculweni sithela izithelo ezibonakalayo futhi sibachumisa kule ndima kwenze amaciko aseNelspruit, eMpumalanga, eqembu iShakes & Les, anquma ukuqamba i-albhamu yawo yokuqala ngokuthi Mkhaya.
Engxoxweni neSolezwe ngale albhamu ephume phakathi no-Okthoba, uShakes, ogama lakhe lokuzalwa wuKamogelo Shakoane, uthe ngayo badlulisa umyalezo wokuqhakambisa ubumqoka bokusebenzisana nokuthi kusiza kanjani ukuchuma.
“Lokhu kungenxa yokuthi sibonile ukuthi ukunquma kwethu ukusebenza ndawonye kusukela sisesemakhaya kwaze kwaba sifudukela eGauteng ngo-2022 ngenxa yothando lomculo, kuthela izithelo futhi kuyasiphumelelisa,” usho kanje.
Eqhuba, uthe into eyenza ukuthi umculo wabo wehluke kwabanye wukuthi bazinika isikhathi sokuwupheka bewuthulula ngaphambi kokuthi bawethule kubalandeli babo.
“Sibeka eqhulwini umsebenzi wethu wobuciko futhi siyakuqonda ukuthi umsebenzi esiwenzayo akuwona owethu kepha ungowabantu abathanda umculo wethu,” kusho uShakes.
ULes, ogama lakhe lokuzalwa wuSihle Lukhele, yena uthe enye into ebasize kakhulu ukudidiyela le albhamu wukuqoka amaciko abawaziyo nabavame ukuqopha nawo izingoma ezahlukene.
“Yingakho kusithathe cishe unyaka wonke ukwenza le albhamu siyiqede ngoba besifuna ukuqikelela ukuthi sithola bonke labo ebesizimisele ukusebenza nabo anduba iphume,” usho kanje.
Bathe kuMkhaya bathembe izingoma ezithi Thando Awupheli, abapike kuyona uLeeMckrazy noYoung Stunna, iBuya abayishaya noMthunzi, nethi Inkulu Lendaba abayenze noMashudu.
Amanye amaciko abasebenze nawo kule albhamu enezingoma eziwu-14 ngoLusanda, Sipho Magudulela, Nkosazana Daughter, DJ Biza, Zee Nxumalo, Tracy, Thatohatsi, Springle, Raspy, Spizzy noZee Nxumalo.