AYAPHELA amaphupho komaskanda abadlana imilala emqhudelwaneni weQuantum kwiMother of All Maskandi Festival, ePeople's Park (Moses Mabhida Stadium) eThekwini kusukela ngo-3 ntambama.
Ngokwesibalo samavoti angesonto eledlule, umbango uphakathi kukaKhuzani "Gatsheni" Ndlovu wasoPhongolo nozakwabo, uZwelethu "Solwazi" Malunga waseMzimkhulu.
Ezibalweni zangoMashi 30, uGatsheni ubeqengqeleza phambili ngamavoti awu-145 164 kodwa uSolwazi elele isibili ngawu-101 970.
Yize lezi zinsizwa besezigqashuke kangaka ngejubane kodwa ngemuva kwazo bekukhona ezaphesheya kweNciba, e-Eastern Cape okunguTornado naMawele KaMantshawe.
Endaweni yesithathu bekuhleli uTornado ngamavoti awu-29 476, kweyesine kugqishe Amawele KaMantshawe ngamavoti awu-27 494.
Umculi waseZimbabwe, uMxolisi "Zinjayamluma" Mavundla ubengazibekile phansi ngamavoti awu-22 716.
Amageza Amahle abesendaweni yesithupha ngamavoti awu-13 650, Amavikelambuso esendaweni yesikhombisa ngawu-12 722, Imfezemnyama beyinawu-12 154, uSomatekisi enawu-11 484 kanti endaweni yeshumi bekunoBahubhe ngamavoti awu-9 090.
Ukuvotelwa kwabaculi kuvalwe phakathi kwamabili ngoLwesithathu.
Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, u-Eric Ngobe uthe bajabule kakhulu ngesasasa nangezinto ezenzeke kusukela lo mcimbi wethulwa ngokusemthethweni, kuze kufike namhlanje.
Uthe okubathokozise kakhulu ukuthi inhloso ngqangi yabo ifezekile ngoba bebehlose ukuveza abaculi abangajwayele ukunikezwa ithuba ekubeni bekhona endimeni yomculo.
"Sinabaculi abavela kwezinye izifundazwe nalaba abanye bakulesi sifundazwe ebebenganakiwe, abanjengoSomatekisi, Thandazani noSolwazi."
Eqhuba uNgobe uthe bona sebemi ngomumo ukusingatha lomcimbi.
Uthe abaculi abaqhudelana kwiTop 30 bazongena ngokulandelana kwabo ngokwamavoti kuze kufike kodle umhlanganiso.
Bazobe beshiyelana inkundla namavukane kanye nabangafakwanga emncintiswaneni okungoKhuzani, Igcokama Elisha, Jumbo, Izingane Zoma, Bingelela, Osukasambe, Vumile Mngoma, Bonani Mhlongo, Izintombi ZikaMjaphani, Zulu Messengers nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe wuTshatha Ngobe, Zimdollar, Mroza, Mdonso, Zama Mseleku, Msakazi Ongadumile, Mshazi, Modelkazi, Somnyama, KissBefore, Vusizwe Langa noMashudula.
Amathikithi atholakala eTicketpro naseSpar ngo-R100 noR1200.
Uthe yize amasango ezoqala ukuvulwa ngo-12 kodwa umculi ozobhula amazolo uzogibela esteji ngo-3 ntambama.