ICALA lomsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo, liphinde lahlehlela usuku lwangoMsombuluko, wangoMashi 10, ngenxa yokuthi uMbuso awukakakulungeli ukuqulwa kwalo. USiya ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini phambi kwemantshi uMhlonipheni Sibiya nomshushisi uShenaaz Hoosen ngoLwesithathu. Imantshi ikuvezile ukuthi leli cala selihlehla okokugcina.
Lo msakazi (40), ungaphandle ngesexwayiso ngenxa yezinsolo zokushaya alimaze kabi umlisa (29) owayeyisinqandamathe sakhe. Ngaphambilini, inkantolo yaguqa ngenxa yokuthi kwakusaqoqwa ubufakazi bezitatimende ezeseka ubufakazi bommangali nommangalelwa.
UHoosen watshela uSibiya ukuthi leli cala ubona kukuhle ukuba lihlehle ngoba basadingida udaba lokuthi lidlulele esigabeni esandulela ukuqulwa kwalo. Icala labe selihlehliselwa uMashi 5, (obekuyizolo). Kuke kwavela izindaba zokuthi lo msakazi uke wanikela emahhovisi akwa-SABC ngenhloso yokucela ukubuyiselwa emoyeni kodwa abaphathi boKhozi bashaya phansi ngonyawo, bathi udaba lwakhe luyoze lumunyungwe kahle uma sekuphele icala abhekene nalo.
USiya ume esakaza uhlelo Ubusuku Obuhle olungena ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku. Ngaphambilini, loyo okhulumela i-SABC, uMmoni Seapolela, waveza ukuthi uSiya uyena owazicelela ukuhoxa ekusakazeni lolu hlelo. Uhlelo lwakhe seluphenduke ubhandemtshelekwane njengoba lushayelwa abasakazi ebehlukene. Lo msakazi ungowokuqala ukuba asakazele uKhozi neMetro FM kanye kanye. Uqale ukuzakhela udumo esakaza kwiGagasi FM eminyakeni eyedlule. Kuleli cala uSiya umelwe nguSkhumbuzo Mathabela ophinde abe ngomunye wabefundisi abaziwayo KwaZulu-Natal.