OWAZAKHELA udumo ngokusakaza kuKhozi FM uSthandwa Nzuza uthi ungakwazi ukuqala into entsha empilweni ngisho noma ngabe usungakanani.
Ukusho lokhu kulandela ukuthatha igxathu elisha kwezikaqedisizungu njengoba esengena ekwethuleni izinhlelo zethelevishini. Uzokwethula uhlelo iMolapo O Reng oludlala njalo ngoLwesine ngo-5 ntambama kuMoja Love (DStv Channel 157) kusuka ngoMashi 6.
"Igama lohlelo lisho ukuthi umthetho uthini. Abantu beza khona nezinkinga ezehlukene ongabala kuzo idivosi, ukudlwengulwa nezinye. Ithimba labameli liba khona likhiphe izeluleko ngokuthi yini okumele uyenze enkingeni obhekene nayo. Mina ngikhuluma isiZulu sami abanye bakhuluma isiSotho, Setswana kuxube izilimi," kusho uSthandwa.
Le ntokazi eneminyaka engu-40, iyaqala ukwethula uhlelo lwethelevishini njengoba yaziwa ngokusakaza nangokulingisa.
"Kuthiwa impilo iqala ku-40. Nami ngiyaqala ukwethula uhlelo lwethelevishini ngoba ngaziwa kakhulu ngokusakaza nokulingisa. Akubanga nzima kakhulu nokho ngoba ngithathe wonke amava engawathola ngisakaza ngawafaka kwikhamera. Kushintshe amakhamera njengoba umfutho wami usafana," kusho yena.
Uthe ukwethula izinhlelo yinto abona ukuthi uzimisele ngokuyiqhuba ngoba uyithandile. Uthe unethemba lokuthi uzobizwa uma kwenzeka kwenziwa isizini yesibili. Udalule ukuthi kukhona okunye amatasa ngakho kwethelevishini.
"Ithelevishini ungathi iyangithanda. Nokulingisa kukhona engikwenzayo engichaza ngakho uma sekumele ngikhulume."
Udalule ukuthi azikho izingxoxo anazo mayelana nokubuyela emsakazweni okwamanje.
"Ngikholwa wukuthi yonke into inesikhathi sayo. Angiyena umuntu ojaha izinto. Umsakazo ngizobuyela uma isikhathi sesivuma ngeke ngiphoqe. Iseluleko engingasipha abantu ukuthi empilweni kuningi okwenzekayo kodwa akumele uphonse ithawula. Kulo mkhakha esikuwo ukuphonsa ithawula akufuneki ngoba sihlale siya kwinhlolokhono kodwa singathathwa. Qhubeka uzame noma kuvele amanye amathuba abambe."