ISIHLABANI somculo wokholo, uDumi Mkokstad sikhumelane umlotha nomhleli wemicimbi yokholo, u-Aviwe Gqomfa, emuva kokuchaphana ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana nokufakana kubameli. UDumi ubize u-Aviwe ngembungulu encela igazi labantu, kwathi u-Aviwe wabiza uDumi ngowesilisa oqwayiza namanye amadoda ukuze enze imali. Ngokusho kweZimoja, ingxabano yalabo saziwayo isuke ngokuthi u-Aviwe abhuqe uDumi ngokuthi ulala nabantu besilisa ukuze abe nemali. "Mangiye endlini encane ngezinqe zami ezingakaze zangenwa wumphambili wenye indoda, ukuze ngibe nemali." U-Aviwe ubephawula embhalweni kaDumi obekhankasela ukuba kuvotelwe uBetusile Mcinga, oqokwe kwiTop 10 yoKhozi FM.
Esitatimendeni esenziwe uDumi no-Aviwe ngokuhlanganyela, kuqale uDumi waxolisa ku-Aviwe ngakusho ngaye ezinkundleni zokixhumana.
“Ngiyaxolisa ngenhliziyo yami emhlophe ku-Aviwe ngenkulumo ebuhlungu engiyibhale kwiFacebook ngaye nenkampani yakhe, ebichaza ukuthi impumelelo yakhe iqhamuke ngenxa yokuthi ubeyimbungulu encela igazi labantu. Eqinisweni ngisebenzile no-Aviwe ezinhlelweni eziningi futhi bengihlale ngiyithanda indlela asebenza ngayo nokuzimisela kwakhe. Okubhalwe ngaye kumlimaze kakhulu yena nenkampani yakhe. Ngalokho ngifisa ukuxolisa kuye, umndeni, abangani nakozakwabo ebhizinisini. Ngikujahe kabi ukusebenza naye ngokuzayo njengomfowethu nozakwethu endimeni yomculo wokholo." Esephetha uDumi uthe njengoba engumzalwane ongumKhrestu uyakholelwa ekuthetheleleni. "Yingakho ngibe owokuqala ukuxolisa emhlanganweni. Ngilwamukele nolwakhe uxolo."
U-Aviwe ubhale ukuthi izinsuku ezedlule nomhlangano kumenze wabukisisa iqhaza lakhe kule ngxabano yakhe noDumi. "Ngiyazisola kakhulu ngokuvumela ukudinwa, okudalwe wokushiwo nguye kimi, ukuba kungiphendulise ngendlela engenze ngayo." Uthe uyabona ukuthi bekufanele lolu daba alusingathe ngendlela efanele umuntu ongumfowabo.
Uxolise ngendlela aphendule ngayo ngoDumi futhi emphathe kabi kakhulu uDumi njengoba bekungamahlebezi akade ayelwa nokuwaphikisa.
"Iqiniso wukuthi ngisebenzile noDumi kaningi futhi sachitha isikhathi esiningi emicimbini eminingi. Angikaze ngathola ubufakazi bokuthi unobudlelwano nabanye abantu besilisa. Ngaphambi kokuba ashadelwe, njengezimpohlo ezisencane besizithandela abantu besifazane."
Esephetha u-Aviwe ube esexolisa kunkosikazi kaDumi nomndeni wakhe nakubalandeli bakhe futhi wamfisela okuhle kodwa emculweni. Kwenzeka lokhu nje uDumi udaba ubeselufake kubameli kwaze kwaphuma nencwadi ebinqumela u-Aviwe ukuba ahoxise inkulumo yakhe futhi axolise kuDumi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.