LISAZOQHUBEKA nokugqunywa ezitokisini ikhansela lakuMasipala waseMsunduzi eliboshelwe icala lokuhluba ngequpha ilungu lomphakathi.
Icala likaMnuz Mshushisi Ngubane, oyikhansela le-IFP ku-ward 8, lihlehliselwe ikusasa lapho kuzoqedelwa khona isicelo sakhe sebheyili.
UNgubane uwuzwe ngendaba umgubho we-IFP weminyaka engu-50 obungempelasonto njengoba esehlale ezikhindini kusukela ngoLwesithathu.
Ubhekene nezinsolo zokushaya nokuthumba uMnuz Nkululeko Ngcobo, oyilungu lomphakathi.
UNgubane uboshwe kanye nabanye ababili, oMnuz Bongani Ngubane, noLungani Nzama UBongani uphinde abhekane nezinsolo zokuvula icala elingamanga.
Wavulela uNgcobo icala lokushaya, kodwa labuye lachithwa.
Esitatimendeni uNgcobo wenza izinsolo zokuthi laba abathathu bamthumba, bayomvalela endlini thizeni ese-Elandskop.
Uthe babe sebemshaya ngezibhakela.
Ngokuthola kweSolezwe, abasolwa baphambanisa uNgcobo nomunye abamsola ngokukhomba umfowabo ngesibhamu endaweni yokuzijuxuza.
"Kukhona umuntu owayehlupha, ekhomba abantu ngesibhamu. UNgcobo wabe esephuca lowomuntu isibhamu, nakhona kuthiwa akusona isibhamu sangempela. ONgubane babengekho bona kwenzeka le nto, kusho ukuthi bona bazitshela ukuthi nangu umuntu obekhomba abantu ngesibhamu."
Uqhuba umthombo uthe vele uNgubane noNgcobo abahoshelani kahle.
"Emini kuthiwa uNgcobo wayelokhu ethi 'asinakhansela la, bukani kunjani'. Kusho ukuthi base bemshayela nalokho."
Uqhuba umthombo uthe ingxabano kaNgubane noNgcobo yaqala ngo-2022, umsindo wasuswa ukuqhuma kwe-transformer.
"Kwaba khona umndeni okhetha ukuzifakela wona i-transformer. Lo mdeni uzwana kakhulu noNgcobo. Inkinga umuntu owayebafakela i-transfomer wahluleka, kwagcina sekuphazamiseka ugesi kweminye imizi eminingi. Nangaleli langa kushaywa uNgcobo, kuthiwa uNgubane wayelokhu ebuzile ukuthi baphi abangani bakhe bakwa (egagula isibongo sakulo muzi owathenga i-transformer)."
Abasolwa bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu izolo, lapho becele khona ibheyili.
UMbuso uveze ukuthi awusiphikisi isicelo sabo sebheyili kodwa inkantolo yanquma ukuthi icala lihlehlele ikusasa ukuze kubhekwe ukuthi ofakazi baphephile yini, kuphinde kuqinisekiswe namakheli abo.
Inkantolo ifuna nokuthi umphenyi wecala abhale isitatimende esigcwele esishoyo ukuthi kungani engaphikisani nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili.
Esitatimendeni sakhe umphenyi wecala ubevele wabhala umugqa oshoyo ukuthi akaphikisani nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili, wangazinikeza izizathu ezenza asho lokhu.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bebengakawutholi umbiko.
Uthe uzoke abuze ebuholini be-IFP esifundeni uMgungundlovu, bese ebuyisa impendulo, kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uMasipala waseMsunduzi, uNkk Ntobe Mkhize, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Baphume benxapha bodwa abebezokweseka uNgubane enkantolo emva kokuhlehla kwecala.
Bakhale ngokutapiswa iqanda lenjelwane umphenyi wecala, abamsola ngokuthi wenzele phansi uNgubane.
"Yini eyenze ukuthi angabhali isitatimende esigcwele? Senziwa izilima lana," kudemelayisa omunye wabantu abebezokweseka uNgubane.
Abebezokweseka uNgubane banqabile ukukhuluma neSolezwe, bathi konke bazokuchaza kusasa uma sekuphume isinqumo esicelweni sebheyili.