ADINWE agane unwabu amaciko kamaskandi ngendlela aphatheke ngayo emcimbini iMpucuzeko ngempelasonto.
Into ebakhalisayo yizikhathi ababekelwe zona zokudlala njengoba kuputshuke uhlu oluveza ukuthi bebenikezwe imizuzu engu-15 abanye ingu-20 ukuze banandise.
Uyedwa vo umculi onikezwe ihora lonke lokudlala azidelise, okunguKhuzani, phakathi kuka12 no-1 ezintatha ngehora elibizwa ngeGolden Hour.
Ephendula udaba lweGolden Hour, uMcineka uthi into eyenza banike uKhuzani iGolden Hour yingoba babemhlonipha emuva kokuGcwalisa iMabhida.
Abaculi abafana noNgiga, uDlubheke nezinyane likaMgqumeni uLusanda baphumele obala ngokwenziwa oqhimlili emcimbini abebewubheke ngabomvu, bethi bazojabulisa abalandeli babo kuwo.
Abanye abaculi bakhala ngokuthi kuze kwasa begodola belinde ukunandisa nabagidayo.
Ephendula ngalokhu, uMcineka ongumhleli walo mcimbi uthi isono sakhe esikhulu wukuzwana noKhuzani.
"Bafowethu kulicala ukuzwana noKhuzani. Ngifuna nikwazi lokho," kusho yena.
Uqhubeke wathi uyafisa ukuthi abaculi baphumele obala beze kubo bengabahleli, bacele ukuthi uKhuzani engaqashwa emicimbini.
Noma kunezindondo bacele ukuthi angazingeneli.
“UKhuzani usehambe ibanga elide kakhulu, akekho osengamfica. Ngisho neNdidane yasho ukuthi eminyakeni emibili uzobe esemkhulu kakhulu. Nakhu kwenzekile,” kusho yena.