Luvutha amalangabi uthando phakathi kwabaculi bakamaskandi abasafufusa, uMongezi "Mayoghurt" Jama noPhindile "Ingilosi Yomaskandi" Buthelezi.
Isolezwe Ngempelasonto liqale lathola ngemithombo yalo ukuthi uMayoghurt (22) waseThornbush, eMzimkhulu, noPhindile (26) waseNyokeni, eVryheid, bayizinqandamathe.
Ethintwa uMayoghurt, wodumo lwengoma ethi Osisi Basemzini nethi Utshwala Bomfana, uthe nebala uyazifela ngoPhindile futhi uzimisele ngokushadelwa nguye.
Lo mculi ozobonakala manje ohlelweni lwethelevishini iShort and Sweet kuMzansi Magic ngoJulayi 25, uthe waqala ukuchazeka ngoPhindile ngesikhathi embona ezinkundleni zokuxhumana nyakenye.
"Ngathi uma ngiqala ukumbona, ngabona sengathi ingane enesimilo futhi ehlonipha kakhulu."
Uthe wabe esezama izindlela zokuthi agcine exhumene naye ukuze amtshele ngothando oluvutha enhliziyweni yakhe.
"Ngathi uma ngilithola ithuba ngamazisa ukuthi angizimisele ukujola naye kodwa ngizimisele ngokumenza unkosikazi. Ngiyayithanda le ngane yakwaButhelezi. Uma ngingathola amandla ngizothumela abantu abazongicelela isihlobo esihle kubo ukuze sihlanganiswe sibe wumndeni ngoba ngiyazifela ngalo mntwana," kusho uMayoghurt.
Eziphendulela uPhindile, one-albhamu esihloko sithi Isigwebo Sentambo, Ukuzala Yisichitho nethi Mamezala's Day, uvumile ukuthi yena noMayoghurt bangamathe nolimu futhi abakhohlisani.
"Ngaqala ukubona ukuthi uzimisele ngami ngokuthi ehlale ekhuluma ngami ezinkundleni zokuxhumana, nabantu sebelokhu bengibhalela bethi nansi insizwa yaseMzimkhulu, iyangithanda. Nami ngagcina sengiyibonile imibhalo yakhe ezinkundleni zokuxhumana."
UPhindile uthe bagcina behlanganile noMayoghurt komunye umcimbi ababenandisa kuwo.
"Sabe sesinikezana izinombolo, sagcina sesixhumana kwiWhatsApp. Siyathandana kumnandi futhi sobabili sizimisele ngokuba kugcine kunenqubekela phambili ebudlelwaneni bethu."
Eqhuba uPhindile, ozalwa ngumculi owayebizwa ngoFikazemula Buthelezi noKhanyisile Mtshali, uthe yize bezimisele ngokugcina bebophe ifindo likasilahlane kodwa akazi ukuthi kuzokwenzekani ngokuhamba kwesikhathi ngoba ikhaba alethenjwa.
Ebuzwa ukuthi bakhona yini abaziyo ngobudlelwano bakhe noMayoghurt, uPhindile uthe kubo nabantu bangakubo bayazi ngoba akazenyezi ngoMayoguhurt.