ABACULI basoPhongolo bazothola ithuba lokushiyelana inkundla nezingwazi zakuleli kwiGatsheni Maskandi Festival ezinkundleni zemidlalo zaseNcotshane ngoMgqibelo kusukela ngo-1 emini. Omunye wabagqugquzeli bale ndumezulu yomcimbi, uThobani Mmema, uthe abaculi bendawo ababoshelwe kubalwa uGovozile, UMabhungu Ayamfontoza, Mdibhozi, Nonkenyana, Amakhabazela, Madlala (Herodi), Dumangeze, Inono elihle, ISchomane SisoPhongolo, UNkanyezi, Amavumangoma,Simunye Mntungwa Iciko, Mnqayi Malinga noMgozimba Mmema.
Laba baculi bazosina bededelana noKhuzani, Igcokama Elisha, Dladla Mshunqisi, Qwabe Twins, Stability, Jumbo, Intaba YaseDubai, AmaSiblings, DJ Sox, DJ Zaizo, Saudi, Thokozani Langa, Mroza Van Damme, Ithwasa Lekhansela, Imfezemnyama, AmaYellow Bone, Ngizwe Mchunu, Ntencane, Inkosi Yamagcokama, Jaiva Zimnike nabanye.
UGatsheni uthe baningi abaculi abefisa babe yingxenye yalo mcimbi kodwa waphazanyiswa ukungabatholi abaxhasi abanele ukuze akwazi ukuqasha wonke amaciko. Uthe lo mcimbi uzokubakhona minyaka yonke endaweni yasoPhongolo.
"Abantu abaningi bayazi ukuthi ngiyiGagu LasoPhongolo kodwa abakaze belubone uPhongolo ngamehlo. Nali ithuba lokuvakashela indawo yakithi, sijabule sonke," kuphetha uGatsheni. Amathikithi aseyatholakala eTicketPro nasezitolo zaseSpar ngoR100 (General), R400 (VIP) nangoR800 (VVIP) kodwa ngokuhamba kwesikhathi azobe esebiza uR150,R400 nangoR1000.