KUZOCACISA ivoti labalandeli empini yomlomo ephakathi kwabaculi bakamaskandi basesifundeni iZululand, uMashelela Ngubane noMlabalaba Khumalo.
Lezi zinsizwa zithuse abantu abaningi zigadlana ngamazwi ezinkundleni zokuxhumana.
Ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMashelela waseNhlungwane noMlabalaba waKwaCeza kuze kwangenelwa nawuzakwabo, uSonakali Zondi.
Njengamanje zidlana imilala ngabalandeli kwiKhuphuka Nezakho Maskandi Festival eseCurries Fountain Stadium, eThekwini ngoMeyi 4, kulo nyaka.
Umgqugquzeli womcimbi, uLungelo “Ngelo V” Vilane, uthe umculi oyobaqwaqwada amakhanda kwi-group B, uyokhala amuke nesamba sika-R50 000.
“Yibona baculi kuphela abazoncintisana kule-group. Bazoba namathikithi abhalwe amagama abo ezitolo. Ithikithi lakho yivoti lakho. Kuvotwa ngamathikithi asezitolo kuphela hhayi esangweni. Kule-group kuzothi njalo ngemiSombuluko simemezele iTop 3 ezihola phambili kuthi ku-group A simemezele iTop 6,” kuphetha uNgelo V ongeze ngokuthi kwi-group A kubangwa isiteki sika-R150 000.
“NgoLwesihlanu ayaqala ukutholakala amathikithi. Ngiyanicela bangani bami ningeseke. Lokho kuyobe kusho lukhulu kimi,” kusho uMashelela othe akazi uthembeni oziqhathe wazishiya.
UMlabalaba unxuse abalandeli bakhe ukuba bamkhombise uthando abanalo ngaye, ngokuthi bameseke.
Laba baculi abashisa izikhotha kulezi zinsuku, badlana imilala noLuve Dubazana, Mjabulisi Zondi, Menzi Mabizela, Limit Nala noJikelele G.