Ezokungcebeleka

UMaweni uphumela obala okokuqala ngokuboshwa kwakhe

Nokubongwa Phenyane|Published

USEPHUMELE obala okokuqala ngecala abhekene nalo uMakgotso Mofokeng odume ngelikaGogo Maweni nokubuye uhlelo olukhuluma ngempilo yakhe kwiMoja Love ngoMgqibelo

Image: X

SIYAWAPHIKA amacala okubulala okuthiwa sibhekene nawo isangoma esizakhele udumo ngokuba nohlelo lwethelevishini uMakgotso Mofokeng odume ngelikaGogo Maweni.

Lokhu ukuveze kwisizini entsha yohlelo lwakhe oluthi Thokoza Gogo oluqale kwiMoja Love (157), ngoMgqibelo.

UMaweni uveze ukuthi icala alaziyo elokushaya ngenjongo yokulimaza alivulelwa owesifazane alwa naye eminyakeni edlule.

Kulona kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo kule nyanga.

UMaweni uthe walwa nalona wesifazane ngoba babemsola ngokuthi udla imali yowesilisa ayethandana naye.

Uthe namanje usamangele wukuthi kukhona abathi unamanye amacala amahlanu okubulala abhekene nawo.

“Mina angiwazi amacala abucayi kangaka okuthiwa ngibhekene nawo. Angikaze ngibulale muntu futhi alikho icala lokubulala engibhekene nalo. Okungimangaza kakhulu wukuthi kuze kuthiwe mahlanu,” kusho uMaweni.

Uthe ukuze ashaye owesifazane yingoba wayethandana nomdlali webhola uSiyabonga Zulu.

“USiyabonga ngangimsiza ezintweni eziningi ezithinta nokuthi imali yakhe kumele ayisebenzise kanjani, angavele nje ayisaphaze. Ekhaya kubo kulapho babona khona ukuthi ngimshayela umthetho nokuyinto engelona iqiniso. Owesifazane ngesikhathi ngilwa naye angimshayanga nangendlela okungathiwa ngangihlose ukumlimaza, salwa nje ngemuva kwalokho ngahamba,” kuchaza yena.

Uthe kukhona abantu abaye kuma-podcast ehlukene bafike bakhuluma izinto angazithandanga.

Omunye wabo uthe wusomahlaya uTall A$$ Mo, owasho ukuthi wabulala abantu nokuyinto eyamphatha kabi hhayi yena kuphela kodwa nomndeni wakhe.

“Angisafuni ukuphinde ngikhulume ngiphinde ngilwe nezitha zami. Into engizoyenza manje wukuthula, izitha zami ngeke ngisasho lutho kuzo kodwa sengizothula ngiphike ngokwenza kuphela,” kuchaza yena.

UMaweni bekungokokuqala ukuthi aphumele obala ngaleli cala kusukela aboshwa.

Okunye abuye wakuqinisekisa wukuthi ukhulelwe.