UKUZIKHANDLA ngomsebenzi kugcine kuthele izithelo ezinhle kumlingisi ozodlala indawo ephambili okokuqala ngqa emdlalweni iMother of All, ozoqala ukukhonjiswa kwi-eVod ngasekuqaleni konyaka ozayo.
UCabangile Gumede (54) waKwaMashu, iningi elimazi ngokudlala izindawo ezimfishane emidlalweni ehlukene, iDurban Gen, Imbewu, Uzalo, Scandal neValley of Thousands Hills, kungokokuqala edlala indawo ephambili emdlalweni wethelevishini selokhu aqala ukulingisa ngo-1995.
“Bekuhlale kungikhathaza ukuthi kungani ngingazitholi izindawo ezinde neziphambili emidlalweni yethelevishini, ekubeni ngizinikela futhi ngenza konke okudingekayo. Yingakho ngijabule kangaka ngethuba lokudlala indawo ephambili kwiMother of All.
“Okwenzeke kimi kuwubufakazi bokuthi ukusebenza ngokuzikhandla kuthela izithelo ezinhle, nokuthi uma into oyenzayo uyizwa ngaphakathi kawupheli moya, noma usubhekana nobunzima,” kusho uCabangile.
Eqhuba, uveze ukuthi ushuthe amasizini amabili kwiMothers of All ekhiqizwe yinkampani iLast Chapter kaZuko noThandeka Nodada.
Abanye abalingisi abalingisa kuyona nguMelusi Yeni, Thami Afrika, VusiThanda noZenande Mfenyane.
“Kuwumuzwa omnandi kakhulu ukubona izithuthukuthu zokusebenza kwami kanzima yonke le minyaka zithela izithelo manje. Ngikubheke ngabomvu ukuqala ukukhonjiswa kwalo mdlalo, futhi ngizimisele ngokulingisa kweminye imidlalo eminingi uma kuvela ithuba,” kuphetha uCabangile.