UKUBA usaziwayo nokuba unina kasaziwayo kusho ukuba ngumama ehlukile ngokusho kwesihlabani somculi wakuleli.
UWinnie Khumalo ongunina womculi uRethabile, ukhiphe ingoma ethi Imithwalo ayiqondise kubazali ababhekene nezimo ezahlukene zokukhulisa izingane emakhaya. Imithwalo ingoma eshaya ngesigqi samapiano agqugquzela ngayo abazali ukuthi babhoboke ngezinkinga ababhekene nazo ekukhuliseni izingane.
"Ngikholelwa kakhulu ekubhaleni ingoma ehambisana nomyalezo umuntu angagcini ngokuyidansela kuphela kodwa athole isifundo. Izingane zethu zihlaselwe yinto embi yokungafuni ukuboniswa wumzali. Iningi lezingane emakhaya lihlukumeza abazali liyabashaya. Ngibone kufanele ngikhulume ngalesi simo abazali abaningi abazithola bebhekene naso," kusho uWinnie.
Yize indodakazi yakhe uRethabile ivunwa udumo futhi iyisibonelo esihle kontanga bayo kodwa uWinnie uthi lokhu akumvali amehlo engabe esabona nobunzima ababhekene nabo abanye abazali.
"Ngithi kubazali, siyazi kuyenzeka phumelani obala nithole usizo. Akulona ihlazo ukuhlukunyezwa ngoba akulona iphutha lakho. Sikhona singomakhelwane, amalungu omphakathi futhi singabazali. Uma singabambisana njengabazi singenza omkhulu umehluko nezingane zisheshe ziwalungise amaphutha azo," kusho uWinnie.
Ukhipha le ngoma nje, nayikhipha ngo-2021 ethi Phakade Lami isashisa izikhotha emsakazweni, kwithelevishini nasezindaweni eziningi zobumnandi.
Ephetha uthe isifiso sakhe esikhulu ukukhipha i-albhamu eyi-EP ngenyanga yasebesifazane u-Agasti bese kulandela uRathabile ngenyanga yamagugu uSepthemba naye akhiphe i-albhamu. Ukwengamela inkampani yakhe yomculo iWinnkay Music Records ngezinye zezinto azithatha njengesibusiso empilweni yakhe njengoba nendodakazi yakhe eyibhekelele khona.
Emculweni uWinnie uke wasebenza nabaculi abanamava okubalwa uBrenda Fassie, Pure Magic, Sipho Mbele, Dj Cleo, Brothers of Peace, Bongo Muffin, Zonke Dikana nabanye.