WAQALA ngokuwasha amatekisi erenki umlingisi osezakhele igama emdlalweni wethelevishini iGenerations: The Legacy engena kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kuSABC1.
UMuzi Vilakazi (37) udabuka Ekuthuleni, oPhongolo, udlala indawo kaSkhumbuzo oyisigebengu esishubisa isimo kulo mdlalo.
Uthe nakuba esedumile ebonakala kuthelevishini kodwa akafuni ukufihla nokukhohlwa ukuthi wayewasha amatekisi ukuze aphile. "Erenki yaseGermiston naseNatalspruit eGoli bayangazi kahle ngihlale khona iminyaka emithathu ngiwasha izimoto. Bayajabula nje uma sebengibona ngivela kuthelevishini futhi kuyabagqugquzela ukuthi impilo ayipheleli lapho umuntu asuke ekhona."
Ubonge kakhulu uqweqwe lomdidiyeli wemidlalo uDuma kaNdlovu owamveza ebantwini emfaka emidlalweni yakhe nakweminye yasesiteji. Uke wadlala komunye umdlalo othi The Journey futhi usedlale nakwamanye amafilimu akhonjiswa nakwamanye amazwe.
Uqale ukuvela kwezokulingisa ngesikhathi eyozama inhlanhla kwinhlokhono yomdlalo iLion King kodwa bafika bamchitha
“Angikaze ngiphele amandla emuva kokuchithwa ngoba ngangiqhutshwa wuthando lokuba umlingisi. Lo msebenzi ngawuthanda ngisemncane kakhulu ngiselusa izinkomo ngakithi. Ngakhula ngizitshela ukuthi ngifuna ukulingisa."
Uphawule nangendawo ayidlalayo yesigebengu kuGenerations: The Legacy, wathi empeleni mkhulu umehluko phakathi kwakhe nomlingisi amdlalayo kodwa kusuke kufanele afane nesigebengu.
Uveze nokuthi washaywa uvalo wavevezela ethola ucingo lokuthi uyaqashwa kulo mdlalo onenqwaba yababukeli.
Uthe okwakumshayisa ngovalo kakhulu ukuyosebenza nabalingisi asebenegama njengoVuyo Dabula odlala indawo kaGaddafi owaziwayo ngokungabhedelwa kulo mdlalo.
Ngaphandle kokulingisa ubuye abe nohlelo lokuhambela izikole efundisa ngokuphila ngokuzinakekela. Uthe lokhu kwadalwa ukuthi ukhule enenkinga yokuzimuka ngokweqile, kwagcina sekumgulisa.