INKAKHA yemidlalo yeshashalazi, u-Edmund Mhlongo, ithi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kukaDkt Mbongeni Ngema emhlabeni.
UMhlongo uthe uNgema ubeyivulandlela emkhakheni kaqedisizungu futhi engasabi ukuveza amaqiniso njengoba enjalo. Ezinye izinto ahambe esezenzile uthe ziseyiphupho kwabaningi emkhakheni wemidlalo yeshashalazi.
“UDkt Ngema ungowokuqala owakwazi ukuba nomdlalo weshashalazi okwazi ukuya eBroadway. IBroadway ifana neHollywood emkhakheni wamafilimu, wonke umuntu afisa ukufinyelela khona. ISarafina yiwona mdlalo wokuqala owaya eBroadway. Waphinda wawina nendondo kumaTony Awards, okuyimiklomelo emikhulukazi emkhakheni wemidlalo yeshashalazi nefiswa yiwona wonke umuntu okulo mkhakha. Ubeneso ekuboneni ikhono emacikweni njengoba bebaningi abaphumelele namhlanje ngenxa yakhe. ILion King nayo yakhelwa esisekelweni seSarafina njengoba kwakufuneka abalingisi abakwazi ukukhuluma kahle isiZulu nasebeke baya eBroadway, okwavela ukuthi yiSarafina kuphela enabo ngaleso sikhathi,” kusho uMhlongo.
Uthe okubuhlungu okudlula konke ukuthi uDkt Ngema ubesanda kuphothula izinhlelo zokuthi kuqale ukusebenza kweMbongeni Ngema Academy, ezoba seThekwini.
“Kunezinhlelo zokuthi iMbongeni Ngema Academy iqale ngoJanuwari wonyaka ozayo. Konke sekuphothuliwe ngayo ngisho nokubhaliswa kwayo. Kuhlelwe ukuthi ibe seThekwini. Ngokwezinhlelo zakhe uDkt Ngema bekungukuthi iyona esizoqhubeka ukuvundulula ikhono emacikweni, ivule namathuba omsebenzi,” usho kanje.
Imbongi yabantu, uMzwakhe Mbuli, naye ukhale ezimathonsi ngomsebenzi abebezowenza noNgema kodwa ongasenzekanga benaye.
“Bekunezinhlelo zokuthi sikhiphe icwecwe ebesizobe sikhumbula ngalo owayengumnikazi weSoul Brothers, uDavid Masondo. Mina ngafonelwa nguyena uNgema engazisa ngalo msebenzi obekumele siwenze. Ngokwezinhlelo, besizowenza ngaphansi kweDavid Masondo Foundation. Bekuzobe kungokokuqala ngqa ngisebenza noNgema. Angisho ukuthi lo msebenzi ngeke usaqhubeka kodwa akube kusafana ukwenza into nomuntu okungeyena lo enisuke niqale naye ngoba kusuke kukuningi esenikuhlelile nangendlela enizokwenza ngayo,” kusho uMbuli.
Ngokwezinhlelo zomngcwabo kaNgema, kuvele ukuthi kufakwe isicelo sokuthi angcwatshwe ngokohlelo lukahulumeni. Bekusalindelwe isinqumo ngalokhu kuMengameli Cyril Ramaphosa.