SINOVALO lokuthi singase silahlekelwe yikhona konke esinakho nesikusebenzele kanzima isihlabani esisinde kukubi sijahwa amaphoyisa kuleli sonto embhikishweni wamaciko aKwaZulu-Natal emgwaqweni owuthelawayeka u-N3.
UDladla Mshunqisi osedume ngelikaMgijimi ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwe-video ebalekela amaphoyisa lapho kade kubhikisha khona amaciko, ukhala ngosizi.
UMshunqisi utshele leli phephandaba ukuthi uma isimo siqhubeka, uzibona elahlekelwa umuzi nemoto nezinye izinto ezibalulekile azikhokhelayo.
Lokhu kulandela ukuthi amaciko emikhakha ehlukene eselokhu avaleleka kuqala uthaqa ngoMashi. Iningi lemicimbi ayesebhukhwe kuyo uMshunqisi kwafanele ayihoxise ngethemba lokuthi uma kuqala kuxegiswa namaciko azobalwa kodwa itshe lagaya ngomunye umhlathi.
“Ibihlungu into esivelele ngoba noma besisebenza siyibeka imali, besingasilungiselele isikhathi eside kangaka singasebenzi.
“Ngikhuluma nje kade zaphela izinyanga ezintathu ebabenginike zona ebhange. “Ibuhlungu kakhulu nendlela esiphathwe ngayo ngamaphoyisa engathi siyizigebengu.
“Noma ngingaboshwanga kodwa angikufiseli omunye umuntu ukufuthwa nge-teargas, kuyimanje ngisacinene isifuba,” kusho uMshunqusi elokhu ekhwehlela kuzwakala ukuthi unenkinga.
Eqhuba uthe yize kuke kwaba nemcimbi abayenza ngomabonakude nezinkundla zokuxhumana kodwa akwanele ngoba ikhokha nemali encane kakhulu.
Usuku loMshunqo ngomunye wemicimbi ebalulekile minyaka yonke nathi usenethemba lokuthi uzohlangana.
“Kubuhlungu kunjena kodwa ngifunde ukuthi lo mkhakha wethu awuthathwa njengomsebenzi futhi akumele umuntu athembele emculweni kuphela. Kozakwethu ngithi kuzolunga, siyacela noRamaphosa (Cyril) asizwele. Abantu bangakhali i-festive izoba khona ngipheka ingoma ethi Goliath esizojabula ngayo ngoDisemba,” akusho uMshunqisi.
Ephetha uthe abantu bacela babeseke nezikhulu zikahulumeni zazi ukuthi ubuciko baziphilisa ngakho nemndeni yabo nokwenza kube nzima ukungaholi izinyanga zilandelana.