UKUBA uDJ akumvimbanga ukuthi abe wusizo emphakathi waseWaterloo, eVerulam asuka kuwo uXolani Ndlovu, kodwa kubalandeli bakhe odume ngelikaDJ Ex.
Le nsizwa ephinde ibe ngumalume njengoba ithutha izingane zesikole ithi ibhekene nengwandla muva nje njengoba umculo wayo ungahambi kahle ngenxa yokuswela imali.
UDJ Ex uthi ukhethe ukuthatha yonke imali ayenze ngomculo wathenga itekisi ukuze athuthele abazali izingane eziya esikoleni.
Kodwa lokhu uthi kumlimazile ngenxa yokuthi abazali bebengakwazi kahle ukumkhokhela, elinye lamatekisi laze ladliwa.
“Umculo ngiwuthanda kakhulu, kodwa futhi njengomuntu okhulele elokishini ngibhekile ukuthi yini enye umuntu angayenza ngenxa yokubona abazali bethwele kanzima entweni ethutha izingane zesikole.
Ngithenge itekisi ngemali yomculo, kodwa abazali ngagcina ngibathathela izingane ngesikweletu nokwenze ngingenzi kahle, itekisi ladliwa. Nginxusa uhulumeni ngaphansi koMnyango weMfundo ukuthi ube nohlelo lokuxhasa omalume ukuze baqhubeke basize abazali abahlulekayo ukuze izingane zingasweli imfundo,” kusho uDJ Ex.
Uthe uhulumeni uma engaba nohlelo lokubakhokhela bese bona bethatha izingane kungaba umthwalo owehlayo kubazali abaphila ngempesheni.
“Umculo wami umile manje ngenxa yokuthi imali yonke ngayifaka kulo msebenzi wokuthutha abafundi, kodwa angizisoli ngoba kukhona abammeli, othisha, nonesi bakusasa engibasizile ngokubathutha baye esikoleni,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi umculo ngeke awuyeke, uzoqhubeka njengoba esanda kukhipha ingoma ethi Ubuhle Bakho apike kuyo uStixzet.