APHELILE amahlathi okucasha kumsakazi woKhozi FM uSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha obese kuphele isikhathi efunwa yisikhonzi senkantolo ngenxa yokukweleta kwakhe uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal imali elinganiselwa ku-R400 000.
USgqemeza, owethula uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kulesi siteshi, utholwe yisikhonzi emsebenzini ngoLwesine ekuseni wanikwa amasamanisi ukuba awasayine.
Inhloko yalo mnyango uNtokozo Chonco, ithe udaba lusukela ku-2017 lapho kwenzeka khona iphutha uSgqemeza wakhokhelwa imali engaphezu kwaleyo umnyango owawuzomnika yona.
Kuthiwa wakhokhelwa uR4 million esikhundleni sikaR400 000, okwakuxhaswe ngawo umcimbi wakhe iCity to City Motivation Tour.
"Kwenzeka iphutha isisebenzi esiseyithwasa sakhokha imali engaphezu kwaleyo okwakumele ayithole. Ngangingakafiki nami emnyangweni ngoba ngaqala ngoNovemba 2017. Lingakapheli nesonto watshelwa ukuthi imali ingaphezu kwaleyo okumele ayithole wathi naye uyayibona," kusho uChonco.
Uthe wayibuyisa ingxenye yayo kwabe sekusayinwa isivumelwano sokuthi esele uzoyikhokha kanjani.
Kuvela ukuthi wakhokha uR3 million, kwasala uR600 000 awukhokha kancane isikweletu sama kuR421 000.
"NgoMashi 2020 sibe sesithatha isinqumo sokuthi ngoba akasayikhokhi imali esele futhi asisamtholi, sathi asimthumelele amasamanisi ekhaya kodwa nakhona singamtholi ngoba sengathi washintsha indawo yokuhlala. Sigcine sesithi akukho okunye esingakwenza sizombheka emsebenzini. Utholakele namhlanje (ngoLwesine) wasayina into yakhona. Imali esikhuluma ngayo lapha ilinganiselwa kuR400 000."
UChonco uthe iphutha laba ngasemnyangweni ngokuthi isisebenzi sabo sifake "o-zero abangaphezulu".
"Amaphutha anjengalawa akuwona ajwayelekile kodwa akuyona into ongeke uyilindele ukuthi ingenzeka. Nakweminye iminyango kuyenzeka. Isisebenzi esenza lelo phutha sesaqondiswa ubugwegwe ngokomnyango sathola incwadi yesexwayiso ngoba kwakungokokuqala."
Kuthiwa ngesikhathi isikhonzi senkantolo nommeli womnyango bezama ukusayinisa uSgqemeza amasamanisi, onogada bazamile ukubavimba kodwa kwaze kwangenela abaphathi wagcina ewasayinile.
Ethintwa uSgqemeza uphikile ukuthi uthole amasamanisi.
Uphike nokuthi wakhokhelwa imali engu-R4 million kunoR400 000.
Uchithe nokuthi ukweleta lo mnyango uR421 000.
Kuthiwa uzovela enkantolo maduze.