ZIZOKHIPHA izingoma zazo ezintsha ngoLwesihlanu izelamani zakwaKhumalo, uKelly no Zandie. Phambilini beziyinkukhu nempaka kepha muva nje, zisanda kuxolelana.
Kubikwa ukuthi ungoLwesihlanu uZandie uzokhipha ingoma yokholo ethi, Umqhele. Kanti kuhlelwe ukuthi ngosuku olufanayo, uKelly adedele eyakhe ethi, Bazokhuluma.
Ekhuluma neSolezwe uZandie udalule ukuthi bebengakuhlelile ukuthi bakhiphe kanye, kanye kodwa uyabonga ukuthi kube uhlelo lukaNkulunkulu.
“Ingoma edumile emabandleni amaningi, ngisho nje kubantu abakholwayo. Ngenxa yokuthi ngiyayithanda futhi ekhaya sikhule ngayo uma kukhulekwa, ngibone ukuthi angiyinike isigqi esisha ukuze abayithanda njengami bayijabulele kabusha. Noma ngithi nje, baqhubeke nokuyijabulela ingaphelelwa idumela ngoba bethi bahlala beyizwa ngendlela eyodwa,” kuchaza uZandie.
Wengeze ngokuthi ekuhlanganiseni ingoma usebenzisane noNtuthuko, oseke wakhiqiza umculo wokholo wamaciko amaningi okubalwa noSfiso Ncwane, ongasekho.
“Isigqi sale ejwayelekile sihamba kancane kodwa kule isigqi sengathi siyashesha kancane. Ngiyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela, kakhulu. Ngonyaka ozayo nginezinhlelo ezinkulu, ngibona sengathi sesifikile isikhathi sokuthi ngikhiphele abalandeli bami i-albhamu ephelele. Izinkinga nezingqinamba esihlangabezane nazo kusuka ku-2020 kuze kube yimanje yizona ebezingiphazamisa,” kuchaza uZandie.
Usonge ngokuthi ingoma iwumthandazo wokubonga.