UMA kuqala unyaka cishe wonke umuntu uba nezinhlelo ngafisa ukukwenza nokukufeza ungakapheli kodwa kwabanye izinto zigcina zingenzekanga ngendlela nokudala ukuthi abanye abantu baphose ithawula empilweni.
Yingaleso sizathu umbhali nembongi uMbali “Iqhikiza” Malimela ekhiphe inkondlo ebuyisa ithemba esihloko sithi Sizophumelela, apike kuyo uNkosazana Daughter noZe2 bodumo lwezingoma zama-piano. Inkondlo ididiyelwe wuSkillz Musiq no-Asum.
“Ngale nkondlo ngibuyisa ithemba ebantwini ababhinjelwe yizinto kulo nyaka, ukuthi nakuba sesiwuphetha unyaka kodwa lisekhona ithuba lokuvuka sizithathe - ukuze sigcina sifeze konke esikufisayo. Ngithi abanganaki isikhathi sonyaka, kepha bahlalele ethembeni lempumelelo,” kuchaza uMbali.
Le mbongi yaseDududu, isanda kubuya eNigeria lapho ebinandisa khona kwiLagos Poetry Fest. Ithembise ukuthi ngaphandle kwale nkondlo, miningi eminye imisebenzi yobuciko ezoyethula ebantwini kungekudala.
ISizophumelela ephume kuthangi, isiyatholakala ezitolo kwiiSpotify, iTunes neYouTube.