INKAMPANI eyenzela abaculi umsebenzi wokukhangisa, ikhala ngonkosikazi wesilomo somculo wokholo ongasekho okuthiwa sekuphele iminyaka engafuni ukubakhokhela imali yabo.
Abanikazi be-Art.us Creations eseSmart Exchange, eThekwini bakhala ngo-Ayanda Ncwane weNcwane Communications abathi ubabambisa utalagu ngesikweletu sika-R6 800.
USabelo Mchunu we-Art.us Creations uthi ngoNovemba ngo-2015 benzela iNcwane Communications amaBanner awu-20, ngayodwa ngaleso sikhathi yayibiza uR250 nokwenza abenguR5 000 esewonke. Abagcinanga lapho bahamba bewanameka ezigxotsheni ngesivumelwano sika-R90 lilodwa nokwenza kube u-R1 800 bese le mali ibanguR6 800 isiyonke. UMchunu uthi emva kokwenza lo msebenzi kwasekufanele bakhokhelwe u-Ayanda wangena ezintangeni.
“Sengikhulume naye kaningi ngimcela ukuthi akhokhe le mali ngoba sesawenza umsebenzi. Okokuqala wavika ngokuthi ubengazi ukuthi asikakhokhelwa wangicela ukuthi ngimnikeze imininingwane yebhange lethu.Ngaphinde ngakwenza ngethemba lokuthi uzokhokha kodwa lutho,” kusho uMchunu.
Ethintwa u-Ayanda uvumile ukuthi unolwazi mayelana nalesi sikweletu, wathi kodwa wacela ubufakazi bokuthi ngabe inkampani ibakweleta ngempela yini. Lobu bufakazi uthi bebungakaze bufike ezandleni zakhe nokwenza angayikhiphi le mali.