ABACULI bokholo asebezakhele igama okukhona kubo uXolly Mncwango, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi, Pastor Shongwe nabanye bangabanye bokuqala asebemenyezelwe, abazoba yingxenye yomcimbi Ugu Jazz Festival, ozohlanganisa nomcimbi i-Off Ramp Experience yalo nyaka.
Umcimbi i-Off Ramp Worship Experience ozobe ubophele abaculi bokholo nezintshumayelo uzobanjwa ngoJuni 27, enkundleni Ugu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone.
Kuyobe sekuthi ngoJuni 28, kubanjwe umcimbi Ugu Jazz Festival, ozobe ubophele izihlabani zabaculi abadumile abazomenyezelwa maduzane.
USiyabonga Msomi ohlela umcimbi, uthe lona umcimbi wokholo abasuke bevula ngawo okuyisikhathi ababona ngaso ukuthi abasondele kuNkulunkulu.
“Yize eminye imicimbi isuke isiqalile ehambisana nomkhulu esivala ngawo, kodwa nalona esibonga ngawo uMdali usho lukhulu kithi, futhi sisuke senzela nabantu abazifelayo ngalolu hlobo lomculo ukuthi nabo babe yingxenye. Sizophinde sikhulekele izinto eziningi esibhekene nazo emphakathini esiyakhele, sinxuse nje nokuthi umhlaba ake ube yindawo engcono esiphila kuyo,” kusho yena.
Ugcizelele ukuthi njengoba bebuyisa umcimbi Ugu Jazz Festival, abantu kulo nyaka abangalindeli ababekubona eminyakeni edlule ngoba basazama ukulungisa okwenza lomcimbi waze wangaba bikho.
Uthe i-Off Ramp ihlanganisa imicimbi ehlukene edonsa inyanga yonke ngoJuni.
Ubale umncintiswano wokudoba ozoba ngoJuni 21, ababheke ukuthi uhlanganise izinhlanga ezehlukene.
Ngawo uJuni 21 kuzoba nomncintiswano webhola iMayor’s Cup neminye.