UMLINGISI woZalo uSimphiwe Majozi odlala indawo kaSbu kulo mdlalo wakwaSABC1, usephumele obala ngokuthi uphunyeleliswe wumelaphi wendabuko uZamokwakhe ‘King Bhaka’ Nzama.
USimphiwe ungomunye wamaciko abeyingxenye yomcimbi wokuhlukanisa unyaka obusemzini kaKing Bhaka, eHillary, eThekwini, iMakhandakhanda New Year’s Experience. Ukhulume phambi kwezihlwele evuma ukuthi uyilokhu namhlanje ngenxa kaKing Bhaka.
“ Ngicela ukuxolisa ukuthi bese ngiwumuntu obesehambela kude noKing Bhaka ngenxa yamatoho angibambile. Empeleni ngiyilokhu engiyikhona namhlanje ngenxa yakhe uKing Bhaka. Uyena ongikhulisile futhi ngiyamhlonipha kakhulu. Kumina ungubhuti wami engincele kuyena okuningi,” kusho uSimphiwe.
USimphiwe ophinde wajatshulelwa abantu ngesikhathi esemzini kaKing Bhaka, uphinde wakhuluma amahlaya akhe avamise ukuwasho kuZalo kwachwaza. Kulo mcimbi ubehamba nozakwabo uSandile Mfusi owaziwa ngokudlala indawo kaKwanda kuZalo aphinde abe ngumculi. Nye ujabulise abantu ngomculo wakhe.
Ngaphandle kwalabo saziwayo bekukhona nabanye abanandise kwaKing Bhaka okungoQhosha, Thwasa Lekhansela, Lagxabha noBahubhe.
UKinga Bhaka uthe njengoba umuzi wakhe esawumemezela ukuthi kuzoba ngowokusungatha imicimbi, owalo nyaka uzoba ngeminye esizoba khona minyaka yonke.
“ Njengoba ngikwazile ukuthi ngiwusingathe ngaphandle koxhaso akukho okuzongihlula ukuthi ubekhona minyaka yonke. Ngithathe kwenginakho ngahlephulela amaciko ngoba ngiyazi ukuthi wonke umuntu useke wavalelwa yiCovid-19 imali ingenzeki. Ngithe engikuthola angingakudli ngedwa ngicabange namaciko nawo ashayeke kakhulu ngenxa yokuvalwa kwezwe,” kusho uKing Bhaka.