ISILOMO somculi wakuleli uPrince Kaybee usephumele obala kuTwitter egxeke abancoma isenzo sobeyisoka likaZodwa Wabantu uVusi Ngubane.
Lokhu kulandela ukuthi iningi lezakhamizi zakuleli zimphendule iqhawe ezinkundleni zokuxhumana. UVusi unconywe abaningi kuvela uZodwa Wabantu eveza ukuthi abahlukananga kahle kunalokho leli bhungu lidle phansi nezimpahla zakhe ezibizayo ezinye zazo angeke azidalule esidlangalaleni.
Kusukela kuthangi selokhu kudingidwa lolu daba njengoba ingxabano yalaba bobabili ilokho iqhubeke njalo ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene. Iningi labantu libe selimshayela ihlombe uVusi limbiza ngeqhawe mayelana nalezi zinsolo, babodwa abesilisa abathi kumele abengumengameli wembhudane yenkomfa yabesilisa engakaze ibekhona. Sekuze kwaba nehashtag #Vusiforpresident nengenye yezinto ezihamba phambili.
UPrince Kaybee uthe akakhathalele kuthenjwa kodwa akumele abantu bagiye ngezinkinga zabanye abantu bahlekise ngomgilwa kuze kunconywe nesenzo sikamsolwa. "Ayilungile lento yale hashtag bafowethu. Asikwazi ukuthembela entweni ehambisana nenzondo, asikwazi nokujabulela ukuthi indoda ihlukumeze owesifazane. Kanjalo nowesifazane ohlukumeze owesilisa. Kukhona okungalungile kakhulu ngathi uma sijabuliswa ubudlelwane okuhlukumeza abanye,"kusho uPrince Kay ekhasini lakhe kuTwitter.
Emuva kwalokho uthole ukugxekwa babodwa abathi wayethuleleni engakhulumi kusawosaziwayo baphesheya kwezilwandle uWill Smith nonkosikazi wakhe uJada abake baphenduka ihlaya benezinkinga ebudlelwaneni babo.