UMSAKAZI weGagasi FM, * -Ayabulela “Zola Zeelovin” Mhlongo, usothandweni oluvutha amalangabi noDJ oshisa izikhotha kulezi zinsuku, uPrince Kaybee.
Lezi zithandani zize zaqopha ngokubambisana ingoma ye-house esihloko ethi Yamukela.
UZola Zeelovin uthe ngale ngoma, ezophuma kusasa, uzama ukukhombisa uPrince Kaybee ukuthi umthanda kangakanani.
Uthe baqala ukwazana noPrince Kaybee eminyakeni emine eyedlule kodwa baqeda unyaka beyizithandani.
“Nguyena ongigqugquzele ukuba ngime ekuculeni izingoma zabanye kodwa ngike ngikhiphe ezami ngizimele,” kusho uZola Zeelovin oke wazwakala engomeni kaDJ Kabila ethi One in a Million.
Uthe okwamanje abakahleli ngezindaba zokwakha umndeni. “Angikakulungeli ukuba nengane kodwa sisajabulela uthando lwethu. Sisakhulisana futhi sizimisele ukukhula ndawonye kokuningi.”
Uthe akazogcina ngale ngoma kodwa uzoqhubeka aqophe ezinye.
“Okwamanje ngeke ngigxile ohlobeni olulodwa lomculo kodwa ngizokwenza izinhlobo ezihlukahlukene ngenhloso yokuthi ngikhombise ikhono lami.”
Uthe uzobuye abone nge-albhamu kodwa ufuna ukuzungeza umhlaba ngenxa yomculo.
UZola Zeelovin yintokazi enoxhaxha lwamakhono endimeni yezobuciko. Ngaphandle kokusakaza uhlelo oluthi Nayi leVibe kwiGagasi FM ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku nangoMgqibelo ngo-4 ntambama, uZola Zeelovin ubuye abe wumlingisi, okungumsebenzi awufundele njengoba eneziqu zeBA kwiDrama.
Uke wabonakala kuZalo elingisa indawo kaHleziphi nakwiFalakhe.
Uthe uzimisele ngokuwasebenzisa wonke amakhono abusiswe ngawo nguNkulunkulu.
“Ngifuna ukukhombisa abantu besifazane ukuthi akufanele bagxile ekhonweni elilodwa. Angifuni uNkulunkulu athi ngakunikeza ikhono lokulingisa awulisebenzisanga ngani. Ngakunikeza ikhono kokukhangisa ngengqephu, awulisebenzisanga ngani. Uma nginothando lwento ngiyayenza.”
Uthe umatasa ulungiselela ukungena ezinhlelweni zethelevishini.