ISILOMO somculi wakuleli sihlonishwe ngetshali elembathiswa abesifazane abakhethekile eBotswana, wachonywa uphaphe legwalagwala ngokuba ngowesifazane ovelele endimeni yomculo.
UMakhadzi waseLimpopo, ulungiselela ukukhipha i-EP (Extended Play) yakhe entsha ethi Pain Ya Jealous. Uthe ukuhlonishwa ngale ndlela yizwe okungelona elakhe, kumenza athobeke futhi athole nomdlandla wokuqhubekela phambi.
Le EP kulindeleke ukuthi ayikhiphe ngokusemthethweni namhlanje nokuhambisana nendumezulu yomcimbi kuleli yazwe okuhloswe ngawo ukuqoqa imali engaphezulu kukaR30 million ezonikelelwa izintandane.
Ubuholi basebukhosini besizwe saBatlokoa nohulumeni waseBotswana bakhethe ukuhlonipha uMakhadzi ngetshali elimbathiswa abesifazane abakhethekile. Isishweshwe esihambisana netshali asizange sisale njengoba ebesemeshe kahle nembokodo yakhona. Lokhu kusho ukuthi naye uMakhadzi bamthatha njengowesifazane ohleniphekile emphakathini noneqhaza elibalulekile.
UMakhadzi lishone elayizolo emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana esenameke izithombe, embathiswe leli tshali ehleli nabesifazane ababekwa ezingeni elifana nelakhe eBotswana.
Iningi labantu naseBotswana lichazekile yilesi sinqumo, lakubeka kwacaca ukuthi uMakhadzi ungokhethekile ngoba abakhethiwe kuphela abavumeleke ukwembeswa lona.
"Kuthiwa akuwona wonke umuntu wesifazane ombeswa le ngubo yesintu, uMakhadzi uhlonishiwe," kusho uGodfrey ezinkundleni zokuxhumana.
"Ngowesifazane omncane ohloniphekile e-Afrika. Vele uyindlovukazi ngokwakhe," kusho Matouzeel Lavend.
U-Aggy Mabedhle Main House kwiFacebook uthe: “Qhubeka nokusimela ntombazane, siyaziqhenya ngawe."
Ezibongela uMakhadzi, uthe iBotswana yilona kuphela izwe elisamkhombise uthando olukhulu olwedlula ngisho aseke walukhonjiswa ezweni lakhe. Uthe inhloso yakhe enkulu ukufinyelela kubantu abasha.
Nyakenye, uMakhadzi waba ngomunye wezintokazi ezidle ubhedu emculweni nokulindeleke ukuthi i-EP yakhe iphinde idle ubhedu.