"AKUKHO okuyinhlamba kimi ngokubizwa ngowesifazane othandana nabanye. Kungamanga kodwa akudikizi nenqulu futhi akukho okubi ngokuba ngowesifazane othandana nabanye," kuphendula uDJ Zinhle emuva kokuba uMusa Khawula ethe ungumuntu wesifazane othandana nabanye kodwa osafihlile.
"NGEKE ngikhankasele noma ngivotele i-ANC okhethweni lwango-2024. Akuseyona i-ANC engayijoyina. Kuyofana nokukhohlisa ukukhankasela i-ANC kaRamaphosa. Unembeza ngeke ukuvumele lokho," kusho owayengumengameli we-ANC kodwa oseyilungu leMK Party, uMnuz Jacob Zuma.
"NGESIKHATHI sikaJacob Zuma njengomengameli yayiwumbhedo. Kwahamba inqwaba, iYouth League yaphenduka inja engenamazinyo, iCosatu yaphenduka into engenamsebenzi walutho, iWomen's League yangaba yinto yalutho...manje usefuna ukusitshela ukuthi ngeke ayivotele i-ANC. Wawundlala umbhede...ngakho lala kuwo," kusho usomahlaya wakuleli, uLoyiso Gola.
"NGOMHLA KA-24 ngicabanga ukuthi senze iplani noma siye eParis. Asincome lapho okufanele khona. Hhayi kabi," kusho uThinah Zungu ngezingoma abona zifanele ukuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
"ZININGI izinto engathembisa ukuzenza. Ngathengela umama umuzi kodwa wadliwa. Angisenalutho. Angisenamakhokho abengikhumbuza ukuthi ngake ngaba wumdlali. Angisenazingubo nezindebe. Umama akanandawo yokufihla ikhanda nomfowethu akaziwa lapho ekhona. Mina ngihlala emzini womndeni kodwa angazi ukuthi izingane zami zihlala kuphi. Kubuhlungu," kusho uLerato Chabangu owake wagijima kwiMamelodi Sundowns.
"IMOTO ababaleka ngayo endaweni yesigameko nezibhamu kutholakele. Batholakele abantu ababili, engazi kahle kamhlophe ukuthi bagcinwe endaweni ephephile, ngoba bazi konke ngokwenzeka ngosuku lwesigameko. Banikeze amaphoyisa yonke imininingwane ukuze athole izibhamu nemoto," kusho uNgqongqoshe uBheki Cele ngomkhondo wababulali baka-AKA.