ABACULI abangomkhaya uSjava noBig Zulu sebejoyine umdlalo owuchungechunge wakuSABC 1, Uzalo.
Laba baculi abadabuka eBergville bajoyine lo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto nomlingisi osemnkantshubomvu, uMike Mvelase.
Lezi zindaba zivezwe yimithombo emibili engaphakathi kulo mdlalo oqoshwa eThekwini.
“UMike Mvelase uyasijoyina. USjava useqalile naye uyashutha. UBig Zulu ebengingakamboni lapho kuqoshwa khona kodwa ngike ngalibona igama lakhe kwabasijoyinile,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe uBig Zulu uzoqala ukuqopha ekuhambeni kwaleli sonto.
“Akucaci noma bazofika njengomndeni yini kodwa kuvela ukuthi bazoba wumndeni omusha ngoba izindawo abazidlalayo zisondelene. Okuvelayo futhi wukuthi sengathi bazohlala isikhashana. Bazobe belingisa indawo ethinta umculo nobunkabi phakathi,” kupotshoza umthombo.
Okhulumela Uzalo uNomfundo Zondi, uthe usalinde abadidiyeli bomdlalo ukuthi baqinisekise.
“Ngicele inkampani edidiyela umdlalo ukuthi ingithumelele ukuthi kuyiqiniso yini, uma kuyiqiniso ingitshele imininingwane nokuthi bazoqala nini ukubonakala,” kusho uNomfundo.
USjava noBig Zulu bake bavela eziqeshini zeSibaya kuMzansi Magic.
UMike Mvelase yena usedlale emidlalweni eminingi okubalwa iGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKhaphela.