LIZOSHONA elanamuhla izinhliziyo zithe kla kwinzalabantu njengoba kuwusuku lomama, iMothers Day. Iningi livuswa ngemiyalezo yokubonga, baphekelwe, baphiwe izipho noma bayiswe endaweni lapho abazothokozela ukudla abakuthandayo. Isolezwe ngeSonto likhulume nosaziwayo abambalwa ukuthola ukuthi bazobenzelani onina ngalolu suku, kuloba uS’MANGELE ZUMA
* Umculi uThobekile “Tipcee” Ndaba uthe uyazifela ngonina uNkk Mpho Ndaba (59) waseMlaza.
“Nginenhlanhla yokuthi umama wami usaphila. NgoSuku loMama ngizomthengela isipho, ngiphinde ngimkhiphe siyodla isidlo sasemini.
“Kulula ukumthengela isipho ngoba ngiyazi ukuthi uthanda izingubo nezikhwama,” kusho uTipcee.
Uthe ungumagcina ezinganeni ezine, ngakho ukhule unina emtotosa, embiza ngoTutu.
Uveze ukuthi unina ubakhulise ngothando nenhlonipho okuyinto ayohlezi eyibonga kuyena.
“Ngiyabonga kakhulu kumama wami ngokungikhulisa kahle. Ungifundise inhlonipho okwenza ngimazi omunye umuntu. Ngibonga nokuthi ungiphe ifa laphakade ngokungiyisa esikoleni.
"Nginje namhlanje kungenxa yakhe. Uyaziqhenya kakhulu ngengiyikho,” kusho uTipcee.
Umculi wokholo uThinah Zungu ongumagcina ezinganeni ezintathu uthe, yena usheshe walubungaza lolu suku nonina uNkk Lindiwe Zungu (56) waseNanda ngoba namuhla uzobe ecula emcimbini womama ePolokwane.
“Ngibonile ukuthi ngoba ngizobe ngingekho kungcono ngisheshe ngimjabulise umama wami. Ngimthengele izipho, ngaphinde ngamkhipha sayodla,” kusho uThinah.
Uthe ubonga imikhuleko kanina akholelwa ukuthi yiyo emphumelelisile empilweni.
“Umama uyathandaza kakhulu, uyiqhawe. Usikhulise kanzima ngemali yasemakhisini. Namanje ngiyazi ukuthi akayekile ukusikhulekela. Ngiyambonga kakhulu ngalokho,” kusho uThinah.
Unxuse uNkulunkulu ukuthi amgcinele unina eminye iminyaka emningi ezayo ngoba lukhulu asafisa ukumenzela khona.
* Umlingisi uChichi Letswalo, womdlalo wakuMzansi Magic, Isithembiso uthe, indlela abungaza ngayo lolu suku iyafana minyaka yonke.
“Imina omdala ebantwaneni abathathu bakamama uNkk Margaret Letswalo. Sinodadewethu ongelamayo siyaye simkhiphe umama siyopenda izinzipho zethu.
"Uma sisuka lapho sibuyela kwami simphekele isidlo asithandayo, sizihlalele kwindawo yokuphumula emnyango. Umama uthokozela izipho ezifana nempahla yokulala neziqholo,” kusho uChichi.
Uthe ubonga unina ngokumfundisa ukusebenzisa imali ngendlela nokumkhumbuza ukuthi kubalulekile ukuthi ake athathe imali yakhe azijabulise.
* UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uthe lolu suku uzolubungaza nonkosikazi wakhe uNkk Nelisiwe Zikalala emzini wabo oThongathi.
“Ngeshwa umama ongizalayo uMaDladla washona ngo-2007. Lolu suku ngizolibungaza nomama wasekhaya ngokuthi ngimthengele izipho kuphinde kube nesidlo ezimnandi. Ungumama onakekelayo futhi onothando. Kuzobe kukhona nomkhwekazi wami,” kusho uZikalala.
Uthe unina uyohlala emkhumbula njalo ngokumfundisa ukusebenza kanzima, okumsizile ukuthi aphumelele empilweni.
UHappiness “DJ Happy Gal” Ndlovu uthe kulokhu unenhlanhla yokuthi unina uNkk Busisiswe Ndlovu waseMpangeni uvakashele eThekwini ngale mpelasonto.
“Ngizomkhipha umama bayomwotawota, siphinde siyodla nesidlo sakusihlwa.
“Uma ngingekho naye ngiyaye ngenze isiqiniseko ukuthi ngithumela imali ekhaya ukuze akwazi ukuzijabulisa. Umama uganele esithenjini ngakho ungifundise uthando nokubekezela. Ungifundise nokuphilisana nabantu ngoba usuke engazi ukuthi ikusasa likuphatheleni,” kusho uHappy Gal osanda kuthenga umuzi.