NGESIKHATHI uLegend Manqele eqala eyokuqopha izinhlelo ezikhombisa impilo yosaziwayo bakuleli eyaziwa kakhulu ngeReality Show, kwacacela noma ubani ukuthi inhloso yakhe ukuvezela abalandeli babo ukuthi labo saziwayo bavuka benzeni ekuseni futhi nasemindenini yabo bangabantu abanjani.
Inhloso enkulu kwakuwukuthi osaziwayo abafana noBonang Matheba, Somizi Mhlongo abaqala ngokwenza lezi zinhlelo singagcini ngokubabona bethula izinhlelo kwithelevishini kodwa akuvele okungale kwalokho.
ULegend noma ewenzile amaphutha kulo mkhakha kodwa yinye into esingeke simphuce yona okungukwenza into eyayingacatshangwa muntu futhi esiyonakele manje.
Ukwehlelwa yizinga lokuqoshwa kwezinhlelo eziveza impilo yosaziwayo, kwenze abanye ababona ithuba lokuqopha lezi zinhlelo babone noma yini ethakaselwa abantu ezinkundleni zokuxhumana bese beyishutha bethi asiyibuke kwithelevishini.
UMzansi Magic, muva nje awufuni kahle ukubheka nokucubungula kabanzi ukuthi yini ozoyifaka ibukwe abantu.
Izinhlelo abazethulayo ungafunga ukuthi bagcina icala.
Baphi abalingisi, abadlali bebhola, abaculi namanye amaciko engabe sikhonjiswa ukuthi baphila kanjani?
Kungenzeka iMoja Love ifake ingcindezi enkulu kwiDStv uma kuza ezinhlelweni eziveza okwenzeka empilweni emiphakathini esiphila kuyo.
Kunento eyodwa iMoja Love eyenzile okungukungena shi emphakathini, yaqopha izinkinga ezenzeka emindenini, komakhelwane nasemalokishini ngisho ezindaweni zasemakhaya.
Lokhu kwenze lesi siteshi sahluka kakhulu ngezinhlelo zaso eziningi futhi senza kahle uma kuza kubabukeli.
UMzansi Magic ngenxa yokuthi usebenza nosaziwayo kakhulu bekumele ungalilahli isiko lokuqopha izinhlelo ezithinta impilo yosaziwayo abasebenza nabo ukuze abantu babazi kangcono.
Namhlanje silahlekelwe wuPresley Chweneyagae, lo mlingisi kumele ngabe bese enalo uhlelo oluthi yena, obelugqamisa ukuthi uphila yiphi impilo futhi ungene kanjani ekulingiseni, impumelelo uyithathe kanjani kuze kube manje.
Akugcini lapho bangaziqopha ngisho izinhlelo ezibheka abalingisi, abethuli bezinhlelo abadala abasebenza nabo bebheka ukuthi impilo ibaphethe kanjani ngemuva kokuduma baphinde banyamalala.
Ingcindezi yokubona iMoja Love yenza kahle ibenze bavumela ophrojusa baletha noma yini kubo ukuze kudlalelwe ababukeli.
Kukhona abantu abazakhele igama ezinkundleni zokuxhumana, okungasho ukuthi ngalokho abalethwe kwithelevishini.
Kukhona izinhlelo ezike zakhonjiswa kulesi siteshi sazibuza ukuthi obani laba esibabukayo futhi kungani bekhethwe ukuthi bakhonjiswe esiteshini esikhulu esifana nalesi.
Izihlelo okukhona kuzo iKwaNjomane, AmaGrootman, The Matshai Sisters, The Sheeben Queens, Stina, Umkhonto Ugwaza Ekhaya, nezinye angikholwa wukuthi kungaba khona inkinga uma zingabuyi ngoba sitshengiswe impilo yabantu esingabazi, ezinye zaphela singaboni ukuthi yini inhloso yazo.
Ezinye kuvele kucace ukuthi kudlalwa isikeshi ayilona iqiniso into esikhonjiswa yona.
Iziteshi azifunde ukuqopha izinhlelo ezizofundisa abantu abebengakwazi, iSABC1 inohlelo olungaphuphi olufana neKhumbul' ekhaya, ngoba kulo kusizakala abaningi.
Akuyekwe ukuqoshwa kwezinhlelo kube sengathi kugcinwa icala, akwenziwe ngoba ababukeli kumele bajabule.