OSAZIWAYO okubalwa uPhindi P, Linda Sibiya, Brenda Mhlongo, Simunye Churchboy, Phumlani Nkwanyana noPastor Dennis Nzonzo, bazoba ngabanye abazobe bephethe uhlelo emcimbini iMayine Crossover Gospel Experience.
Lo mcimbi ongomunye wemikhulu ezohlukanisa unyaka, uzobanjelwa e-ICC, eThekwini, ngoLwesibili kusuka ngo-5 ntambama kuze kube ihora lesithupha ekuseni.
USanelisiwe Mbambo okhulumela abomcimbi, uveze ukuthi konke sekumi ngomumo futhi abazowuhambela bazobhema bakholwe.
“Sinomgodla ogcwele injabulo yodwa. Ngeke size sigcine lapho, sibophele abaculi bokholo akade silokhu sibamemezela ezinyangeni ezedlule. Kodwa kukhona abaculi abangabona abokholo nabo abazonandisa kulo mcimbi ukuze simangaze izihambeli zethu. Kuzophinde kubonakale abanye abaculi bokholo abangakaze babonakale becula ndawonye kodwa kulo mcimbi bazocula ngokuhlanganyela,” kuchaza uSanelisiwe.
Uveze ukuthi abantu basengawathola amathikithi e-webticket kusuka ku-R350 kuya ku-1 500 i-VVIP.
“Amathikithi ngeke size siwathengise e-ICC, abantu abaphuthume ngoba sibona ehamba ngokushesha kunangezinsuku ezedlule. Abathandi bomculo wokholo bangalinge bazisole,” kuchaza yena.
Inkakha emculweni wezayoni, uBishop Vusi Gama, umeme wonke amakholwa athanda umculo wezayoni ukuthi aphume ngobuningi bawo ukuzothamela lo mcimbi.
Uthe ngawo kuzokondliwa imiphefumulo ehlukene engaphathekanga kahle kulo nyaka.
Ugcizelele ukuthi okunye abazokwenza ukukhulekela wonke umuntu ozobe engekho kulo mcimbi ukuze baphephe njengoba kuzobe kuphithizela ezindaweni eziningi.