KUSHO lukhulu ukuqokwa kumaSouth African Music Awards (SAMA) eqenjini lomculo wokholo elicula ngaphandle kokuphelezelwa yizinsimbi, iThimba le Afrika.
Leli qembu liqokwe kumaSama eqoqweni le-Best African Indigenous Gospel nge-albhamu yalo ethi Sesiphunyukile.
Kulindeleke ukuthi umcimbi wokuklonyeliswa kwabawinile ube seSun City Arena, eNorth West ngo-Juni 01 nonyaka.
Yize leli qembu lingaqali ukuqokwa emiklomelweni njengoba selike laqokwa nakumaSABC Crown Gospel Music Awards, kodwa iThimba Le-Afrika lithe ukuqokwa kumaSama kusho ukukhula nokuhlonishwa okumangalisayo.
Okhulumela iThimba-Le-Afrika, uPhindile Mkhize, uthe bajabule kakhulu njengoba bemenyezelwe njengamanye amaqembu nabaculi abangaphansi kwalo mkhakha weBest African Indigenous Gospel.
“AmaSama ahlonishwa kakhulu eNingizimu Afrika. Ukuqokwa kukhomba ukusebenza kanzima kwethu kule-albhamu futhi asibeke kwelinye iqophelo,” kuchaza uPhindile.
Uqhubeke wachaza ukuthi leli yithuba elihle lokuzibonakalisa ezweni lonke njengoba beqokwe emncintiswaneni ohlanganise umculo ohlukahlukene, okuveza obala ukuthi bayiqembu elidlondlobalayo.
Noma leli qembu liqokwe namanye amaqembu omculo wezokholo kodwa amathemba aphezulu njengoba bethi bafisa ukubuya nayo indondo.
“Sizimisele futhi sifisa ukuyithola le ndondo.
"Siyawahlonipha la maqembu esiqokwe nawo kodwa nathi siyazithemba,” kusho uPhindile.
Ngaphandle kweThimba Le-Afrika, amanye amaqembu aqokwe emkhakheni weBest African Indigenous Gospel Award kubalwa iTrust in Christ Ministries, Christ Worshippers Mass Choir; The General Isitimela ne-In Zion of Christ.