NOKUBONGWA PHENYANE
UZOHLONISHWA unyaka nonyaka owayengumsakazi woKhozi FM, u-Irvin Sihlophe emcimbini Uvukile Gospel Festival, kulokhu ozoba seGamalakhe, ePort Shepstone ngo-Ephreli 20.
U-Irvin owayengomunye wabasunguli balo mcimbi wadlula emhlabeni ngo2023 ngemuva kokushaywa isifo sohlangothi.
Izolo kube nesithangami nabezindaba eMusic House eThekwini, lapho uPastor Mjosty osesele ekuhleleni umcimbi eveze ukuthi kukhona ihora elibalulekile abebeba nalo belinika abaculi abahlukile ukuze bacule isikhathi eside.
Uthe lelo hora selizokwaziwa ngokuthi i-Irvin Sihlophe Hour okuzobe kunandisa khona abaculi bowokholo, abakamaskandi nabanye abahlukene.
Kulo nyaka uthe bazolenza lidonse amahora amabili nokuyindlela abazoqhubeka bahloniphe ngayo uSihlophe.
“Namhlanje besizomemezela lezo zindaba zaleli hora esesiliqambe ngoSihlophe. USihlophe sifuna ahlale enathi kulo mcimbi ngoba konke sakuqala naye kwaze kwaba uyadlula emhlabeni. Kula mahora esifuna ukukucacisa ukuthi ngeke kubonakale abaculi bowokholo kuphela kodwa nabakweminye imikhakha bazovela, abantu yibona esinabika ithuba lokuthi bakhethe, kulo nyaka uSgwili no-Ayanda Ntanzi bakubaculi abazonandisa kulawo mahora. Kulo nyaka okunye esizokwenza ukumema abaculi bakudala ukuthi babe khona abafana noThembinkosi Booi owaduma ngengoma ethi uSathane uJampa amaFence. Sizophinde simeme iqembu esaziyo ukuthi lawenza umsebenzi omkhulu emculweni wokholo. Aligcinanga lapho ngoba libe nathi umcimbi usaqala ngakho ngoba lingasaqasheki kahle i-Avante sithe thina asilibize kube khona elikutholayo,” kuchaza uMjosty.
Uthe ezinye izikhalo abazitholile ukuthi umculo wamaZayoni awunakwa.
“Sikhethe ukubiza ubaba uVusi Gama ukuthi naye afike azoba nathi, ngakho umculo wamaZayoni uzoba ukhona,” kuchaza yena.
Umfowabo omncane kaSihlophe, uNsindiso Sihlophe uthe uyambonga uMjosty, ngokungamlahli njengoba esemthathile waba yingxenye yalo mcimbi.
Uveze ukuthi ujabule ngokuzokwethula uhlelo u-Irvin ayefuna ukulwenza lwezindondo ezizokwaziwa ngokuthi Uvukile Music Awards.
Umcimbi wezindondo bathe uzoba ngonyaka ozayo, kodwa uzokwethulwa emcimbini walo nyaka.
Uthe ngalezi zindondo bazohlonipha wonke umuntu owenza umehluko emphakathini, kusuka kubaculi, abefundisi abezindaba, ophrojusa, ababhali bezingoma nezinye izinto.
UMjosty uthe okunye abafuna ukukukhumbula ukukhalisana neqembu Abanqobi okuthe ngonyaka odlule lashiywa omunye wamalungu alo uSbusiso Zulu.
Abaculi abazonandisa kulo mcimbi kubalwa uBabo, Hlengiwe Mhlaba, Andile KaMajola, Abanqobi no-Esethu Siwe.
Amathikithi uMjosty uthe akhona eShoprite nasePick n Pay ngemali esuka kuR150 neVIP kaR500.