ABAKWA-MULTICHOICE sebeveze ukuthi imidlalo ekhuluma ngemilando ethinta izizwe nabantu bakuleli yiyona asebezogxila kuyo manje ukuze baxoxe ngomlando.
Lokhu kuvezwe uNomsa Philiso ongumphathi nobhekelele izinhlelo kwaMultichoice kuleli.
UNomsa ubehlangene nabezindaba ngoLwesihlanu benezingxoxo ezahlukene ezithinta imidlalo nezinhlelo ezihlukene abanazo eziteshini zabo kuleli.
UNomsa uthe bayajabula ukumemezela izindaba zokuthi umdlalo uShaka-Ilembe owenze kahle ngonyaka odlule, bakhethe ukuthi bawuvuselele amasizini amabili ngaphezu kwale ebikhonjiswa.
“Kwasithatha iminyaka eyisithupha ukuhlela lo mdlalo, ngakho ukubona wenza kahle ngesikhathi uqala kusenze sawuvuselela amasizini amabili. Siyazi ukuthi ngesikhathi uqala sasithe kuzoba amasizini amabili kuphela kodwa manje siya phambili nawo,” kusho uNomsa.
Uthe ngawo bangaxoxa izindaba ezahlukene ezingathinti nje Ilembe kuphela kodwa ngisho izizwe ezahlukene.
“Singathi sisuka sibheke isizwe saKwaMthethwa esingaxoxa umlando waso omude kabi ngomdlalo kanjalo nezinye ezivela emlandweni waKwaZulu. Ngakho siyathemba ukuthi njengoba sekuqalile ukuqopha isizini yesibili nayo izokwenza kahle, ababukeli bayijabulele,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngoJulayi, kuza umdlalo uQueen Modjadji nawo okuwumdlalo oza nomlando ojulile.
Uthe yize lo mdlalo uza nolimi olujulile isiBolobedu kodwa bayathemba ukuthi uzojatshulelwa abantu abahlukene njengoba kwenzekile emdlalweni uShaka.
“Sihlela ukuthi senze imidlalo ehlukene ethinta izizwe nezilimi ezahlukene zakuleli. Imidlalo esizokwehlisa yona enguchungechunge ngenxa yokuthi iqala kahle uma kuza kubabukeli kodwa kuhambe isikhathi abantu kucace ukuthi abasayithakaseli. Manje sisenkingeni yomdlalo iMy Brother’s Keeper. Lo mdlalo besihlele iziqephu ezingu-130 kuphela, kodwa siyabona ukuthi wenza kahle, abantu bayawuthakasela, ngakho simatasa sibheka ukuthi yini okumele siyenze ngawo, ngoba yonke imidlalo asisafuni idlale isikhathi eside,” kuchaza yena.