ZIZOBA ngoLwesihlanu izinkonzo zesikhumbuzo zoqweqwe lomsakazi owayengunkosikazi kaDJ Fresh, uThabiso Sikwane nembongi ebiyisishoshovu sezobuciko, uJessica Mbangeni, abadlule emhlabeni ngokuzuma ngoMgqibelo ekuseni.
Esitatimendeni esithunyelwe wumndeni wakwaSikwane nowakwaMatladi, bathe inkonzo yesikhumbuzo kaThabiso izoba se-3C Ministries Church eCenturion, ePitoli, ngo-9 ekuseni.
“Kuzothi kungaqedwa lapho, kwenziwe umcimbi wokulothisa isidumbu wakhe, okuzokwenziwa wumndeni wakhe ngasese ezinsukwini ezizayo,” kusho isitatimende somndeni.
Ngakolunye uhlangothi, umndeni kaJessica wona udalule ukuthi inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba seMarket Theatre, eGoli ngo-2 ntambama, lapho okuzohlangana khona amaciko ukuzokhumbula iqhaza alibambile kwezobuciko.
“Sinxusa abantu abazohambela le nkonzo ukuba bahlobe ngemisiko yesintu ngoba siyazi ukuthi uJessica ubekuqhakambisa kakhulu lokho, esebenzisa ubuciko ukubeka eqhulwini amasiko nobuciko kwakithi okwehlukene,” kusho isitatimende.
Okhulumela umndeni wakwaMbangeni, uDkt Stanley Khoza, uthe basazobhunga noMnyango wezobuCiko namaSiko ukunquma ukuthi yiluphi usuku olulungele ukuthi uJessica afihlwe ngalo.
UThabiso ( 50) ugqame kule ndima efunda izindaba kwi-YFM ngo-1998, futhi uke wasebenza kwezinye iziteshi esingabala kuzona iVoice of Soweto, Power FM, SAFM neKaya FM, futhi waba wuphrojusa kwi-podcast kaDJ Fresh, iWhat A Week!
UJessica (46) yena uzakhele igama kwi-Soweto Gospel Choir ngo-2002, futhi uwole izindondo ezahlukene kumaSatma Awards nakumaSama. Ubaziwa ngengoma yakhe ethi Africa, nethi Asiphelelanga, ayepikwe wuVusi Nova kuyona ngo-2018.