KUZOTHELEKA izintandokazi zabalingisi beSarafina abaduma ngalo mdlalo usaqala ngosuku lokuqala kwawo ngoJulayi 15, 2022, ePlayhouse, eThekwini.
Phakathi kwabalingisi okulindeleke ukuthi babe yizimenywa kulo mdlalo, kukhona uBabe Cele, Somizi Mhlongo, Leleti Khumalo, Dumisani Dlamini nabanye.
Okhulumela lo mdlalo, uMapule Zungu Ngobese owaziwa ngeNdlovukazi Mapule weStoneface Communication (Pty) Ltd, uthe yize lo mdlalo wasungulwa yinkakha edabuka KwaZulu-Natal, uMbongeni Ngema kodwa kuzoba ngokokuqala ukuthi ukhonjiswe kulesi sifundazwe emva kweminyaka engu-36, wasungulwa.
Wathi ngesikhathi uqala ukukhonjiswa, wayiswa ezindaweni ezehlukene waze waya naphesheya kwezilwandle ungakabonwa ekhaya. Ngaphandle kokuthi lo mdlalo uza ekhaya, uphinde watakula nentsha ekwezobuciko esake yalingisa nezobe iqala ukulingisa ngeSarafina.
“Lokho kwenziwe ngenhloso yokuthuthukisa intsha ekulo mkhakha nokubeka isinkwa etafuleni. Kuzokhumbuleka ukuthi iKwaZulu-Natal ikhahlanyezwe yizinto eziningi, okuthinteke kakhulu ezobuciko njengoba amaciko ebengaqashwa ndawo.
“Kumanje iSarafina inabalingisi abasha abangaphezu kuka-30 abaqhamuka KwaZulu-Natal, nokuyibona abazobonakala kuyona njengoba iqala ngoJulayi 15,” kusho uMapule.
Uthe yize umdlalo usungaphansi kwenkampani iNiso House (Pty) Ltd & Partners kodwa usaphekwa nguyena uMbongeni Ngema.
Njengoba iqala ngoJulayi 15, izoze iphele ngoSepthemba 3, ePlayhouse. Bakhona nabanye abalingisi baKwaZulu-Natal, abaziwayo athe bazobonakala kuyona iSarafina.
Njengoba izobe ivulwa ngokusemthethweni ngoJulayi 15, uMapule uthe wonke umuntu wamukelekile ukuthi athenge ithikithi ukuyozibonela lo mdlalo uqala.
Amathikithi aseyatholakala eWebtickets ngo-R180 umuntu emunye kodwa liba nguR150 uma nithenga ningu-10. Awezingane zesikole abiza u-R50 umfundi ngamunye. Uthe lo mdlalo uzokhonjiswa imini nobusuku njengoba kuzobe kwenzelwa nezingane zesikole.