IMPUMELELO yokulingisa uthi igqame esekhulile uMntwana waseNdlunkulu kaZulu, ogqame ngendawo yenyanga kwiDurban Gen.
UMntwana uPhuma Dlamini (50), onegazi laseNdlunkulu ngoba uzalwa wuMntwana uMamazi waseGazini, uthi impumelelo ekulingiseni selokhu ayifisa esemncane kodwa bekungakaze kucace kuze kube ulingisa kwiDurban Gen.
Impilo yakhe yonke uthe ubesebenza engunogada wezinkampani ezehlukene. Ekulingiseni uthe selokhu akuqala esemncane edlala emidlalweni yeshashalazi kodwa ungagqami umsebenzi wakhe.
“Izinto ziqale ukushintsha ngo-2018. Kunomngani wami owayebizwe ukuba ngumlingisi owengeziwe kwiRhythm City. Wathi yena akazimisele ngokuya khona ucela ngingene endaweni yakhe ngiyolingisa. Ukufika kwami kwiRhythm City kwangigqugquzela yize ngadlala indawo encane futhi enganakekile. Ngemva kwalokho ngiphinde ngathola ezinye izindawo ezincane kwiGenerations The Legacy, The Queen, The Throne ngagcina sengingene nakwiBlack Door kaMandla N. Ukuthola izindawo ngakwenza ngathatha isinqumo sokuthi ngiyeke ekubeni ngunogada ngagxila khona ekulingiseni,” kuchaza uMntwana Phuma.
Uthe kuqale ukukhanya njengoba eselingisa kwiDurban Gen, lapho edlala indawo yenyanga edume ngokudlwengula amathwasa ayo, ubaba uMoyeni.
Ezinkampanini zonogada uthe usebenze eTop 10 Security, Alizwa Security, SSG Security, GNG naseSMG. ESMG uthe yilapho ethole ithuba lokuthi agcine esengumeqaphi wezikhulu kanti wake wagada oNgqongqoshe uSenzo Mchunu no-Enoch Godongwana.
Ngaphandle kokulingisa uMntwana uPhuma uthe ungomunye wabantwana abacelwa yiSilo uZwelithini, eminyakeni emihlanu edlule ukuthi asebenzisane nabantwana bakwaMinyamanzi, ukuqhakambisa amaZulu eGoli, njengoba ezinze khona.
“Ngesikhathi ngifika eGoli, ngenxa yomsebenzi bengingayinakile nendaba yokubizwa ngomntwana kwaze kwaba yisona iSilo esithi sekumele ngikugqamise ukuthi ngiwumntwana. Njengamanje sinenhlangano yaseBukhosini i-Ateker International Development Organisation (AIDO). kuyona sifundisa ngamasiko esintu siphinde sihlanganise ubukhosi bamazwe. Umcimbi wokugcina esibe nawo eMsinga, lapho sasilethe wonke amakhosi ase-Afrika, ukuzohlangana ndawonye,” usho kanje.