KUNONGQINGETSHE ngamalungiselo oMkhosi woMhlanga esigodlweni eNyokeni njengoba kuvela imibiko ethi uMntwana uSimakade kaZwelithini uthi umcimbi mawuye kwenye indawo.
Isolezwe ngeSonto linencwadi esayinwe wuMntwana uMxolisi kaBhekuzulu, ebhekiswe kuNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Incwadi ilibeka ngembaba elokuthi abasemukeli iSilo uMisuzulu kaZwelithini kodwa babona uMntwana uSimakade njengeSilo.
Encwadini kunxuswa uNdunankulu Dube-Ncube ukuthi angenele ngoba kungase kutholwane phezulu kuchitheke igazi. UMntwana uMxolisi ethintwa uthe bayibhalile incwadi kodwa ibhekiswe kuNdunankulu Dube-Ncube.
“Yebo, incwadi phela ayibhalelwanga nina, ibhalelwe labo esibabhalele futhi uma kukhona esikushoyo siyoxoxa nabo hhayi nani,’’ kusho uMntwana uMxolisi.
Ebuzwa ngokuthi bazokwenzani uma bechithwa wundunankulu, uthe kuyobonakala khona.
Okhulumela iHhovisi likaNdunankulu, uMnuz Ndabezinhle Sibiya uthe wudaba olungeke lukhulunywe esidlangaleni.
“Wudaba lolu azolusingatha ngasese undunankulu nendlunkulu ngoba ludinga isizotha nenhlonipho,’’ kusho uSibiya.
Okhulumela indlunkulu uMntwana uThulani Zulu, uthe kuzobonakala ukuthi amaphoyisa azolusingatha kanjani udaba ngoba kukhona abasonga ngokuchitha igazi. Uthe ubona sengathi kukhonjwa uhulumeni ngenjumbane.
“Lowo obhale incwadi wayisayina, wuyena ivukelambuso. Sesobona ukuthi amaphoyisa azomisa kanjani kodwa iSilo samaZulu siyogubha uMkhosi woMhlanga eNyokeni futhi izingane zamaZulu ziza ngezinkani,’’ kusho uMntwana uThulani.
Kwenzeka konke lokhu nje, uMkhosi Womhlanga ubusesigodlweni eMachobeni eNgwavuma ngempelasonto edlule, olandelayo uzoba seNyokeni ngempelasonto.
Isigodlo saseNyokeni okuhlala kusona uNdlunkulu uMaMchiza, besivame ukusetshenziselwa uMkhosi Womhlanga ngesikhathi seSilo uZwelithini kaBhekuzulu. UMntwana uSimakade usanda ukwenza umcimbi engena esibayeni lapho okwacaca khona ukuthi uphikisa iSilo uMisuzulu naso esenza indumezulu yomcimbi.
Kulindeleke ukuthi izindimbane zezintombi zitheleke eNyokeni zizokwethula umhlanga njengenhlalayenza. Umkhosi uba minyaka yonke futhi kuhloswe ngawo ukugqugquzela ukuziphatha kahle kwamantombazane.