BAZOKHIPHELANA izindaba ezadala ukuthi bangabi nokungaboni ngaso linye omakoti nomamezala uma sekuqala uhlelo oluthi Abasemzini, namhlanje kwi-1Magic.
BAZOKHIPHELANA izindaba ezadala ukuthi bangabi nokungaboni ngaso linye omakoti nomamezala uma sekuqala uhlelo oluthi Abasemzini, namhlanje kwi-1Magic.
Lolu hlelo luzokwethulwa yintokazi eyazakhela igama eqenjini lomculo iJoyous Celebration, u Puleng March nomlingisi uLehasa Moloi.
Kulolu hlelo umamezala nomakoti bazohlangana nabethuli bohlelo nabeluleki bengqondo okunguNozibusiso Nyawose noVuyo Themba.
Laba bazohlaliswa endlini la bezokhuluma khona ngezingqinamba abanazo eziholela ekutheni kungabi bikho ukuzwana phakathi kwabo.
Abaluleki bengqondo bazobasiza ngenzondo abanayo abayibhekise kubona bobabili, bazophinde babanike izindlela ezizobasiza ukuthi basondelane.
UNomsa Philiso wakwaM-Net, uthe injongo yalolu hlelo ukuqhubeka nokugqugquzela imindeni ehlangene nejabule.
”Lolu udaba olukhona emindenini eminingi nokuyinto esifuna ukusiza ngayo nokuthi ke uma sebekuthina sibatholele into ezobasiza bangahlali ngokuzwana kuphela kodwa kube nenjabulo usuku nosuku. Uhlelo lolu oluzoveza ubuhlungu obukhulu abanye abantu asebedlule kuyo kodwa sinesiqiniseko sokuthi ababukeli kukhona abazokufunda futhi nabantu ebesinabo sibasiza kukhulu abakufundile ukuze kube nokuzwana phakathi kwabo,” kusho uNomsa
Uveze ukuthi abethuli bohlelo bona bazoxoxa nala bobabili ukuveza imbangela eyaholela ekutheni babe kulesi simo.
Uthe abangabazi ukuthi uhlelo ngeke nje lusize abazobonakala kulona kodwa nabasemakhaya.