UFANISE ukuthola ithuba lokulingisa emdlalweni wethelevishini iGqeberha: The Empire, njengokufezeka kwephupho leminyaka - emva kweminyaka eminingi ezama inhlanhla emidlalweni eyahlukene, kungalungi.
ULonalinamandla ‘Lona’ Bawuti (27) waseMthatha, ungomunye wabalingisi balo mdlalo oqoshelwe e-Eastern Cape, ozoqala ukukhonjiswa kwiMzansi Magic, ngoJanuwari 16, ngo-9 ebusuku.
Ekhuluma neSolezwe emva komcimbi wokwethula umdlalo obungeSonto, eBroadwalk Hotel, eGqeberha, uthe bese kuphele iminyaka eyisikhombisa ehambela inhlolokhono yemidlalo eyahlukene, bemshaya ngesithende.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi ekugcineni, iphupho lami leminyaka lokulingisa lifezekile, ikakhulu ngoba ngithole indawo engikholwa wukuthi izongiphendlela iminyango eminingi ekulingiseni,” kuchaza uLona.
KwiGqeberha ulingisa indawo kaNobomi Mxenge. Uthe nakuba engenakudalula okuningi ngayo okwamanje, kodwa akakungabazi ukuthi abantu bazoyithanda.
“Sisebenze ngokuzikhandla nozakwethu emdlalweni ukwenza isiqiniseko sokuthi sikhiqiza into yamehlo ezothandwa ngabantu.
“Okunye okusisize kakhulu wukuthi emdlalweni sixutshwe nabalingisi abanamava - okwenze umsebenzi waba lula ngoba kuningi abebesicija kukho,” kuchaza uLona, osanda kuphothula iziqu zePerfoming Arts eCity Varsity.